I-AFRIKA Mamas eyocothoza emazweni ase-Europe
Image: ESIGCINIWE
IQEMBU lesicathamiya elakhiwe ngabantu besifazane bodwa,i-Afrika Mamas, limenywe kwindumezulu yomcimbi iBRICS Folk Cultural Festival ezobanjelwa eRyazan, eRussia, ngoSepthemba 3 kuya kuSepthemba 9. Isolezwe lizibonele isimemo esithunyelelwe leli qembu ngoyinhloko yalo mcimbi, ongumqondisi we-We Stand On That, uVitaly Mironov.
"Silindele iqembu lenu limelwe ngamalungu amane kuya kwamahlanu. AbaseRussia bazokhokhela zonke izindleko ezimayelana nokuvakasha kwenu, okubalwa kuzo ukundiza ngamabhanoyi nisuka eNingizimu Afrika niza eRussia nokubuyela emuva, umshwalense wezempilo, ukuhlala ninethezeke emahhotela, ukudla nezinye izinhlelo ngesikhathi niseseRussia. Nizophathwa kahle nangemfudumalo ngabantu baseRussia," kusho umbhalo kaMironov.
Umholi we-Afrika Mamas, uNtombi Lushaba, uthe basamukelile lesi simemo bemanqikanqika ngenxa yokuthi kunabasabise ngokuthi bengase bagaxele ngenxa yempi ephakathi kweRussia neMelika.
"Abanye abangani bethu base-Europe bebethi ayikho imenenja eyobuye ifune ukusebenza nathi emuva kokunandisa kulo mcimbi kodwa ngavuma ngeqholo ngenxa yokuthi siyomela iNingizimu Afrika nokuyoqhakambisa izwe lethu. Njengomama abakhulisa abantwana ngabodwana futhi abaziphilisa ngomculo, bekungekho ukuhlehlela emuva," kusho uNtombi.
Uthe ngaphambi kokubhekisa amabombo eRussia, bazoqala ngohambo lwase-Italy lwezinsuku ezilishumi.
"Sibuye samenywa kwiKlan Kosmos Festival lapho sizozungeza amadolobha aseGermany, sidlulele ePoland, Brussels naseGraz Austria."
I-Afrika Mamas yiqembu lesicathamiya elasungulwa ngabesifazane kuphela ngo-1998. Lezi zintokazi seziwuzingezile umhlaba futhi seziqoqe inqwaba yemiklomelo emazweni ahlukene.
I-AFRIKA Mamas eyocothoza emazweni ase-Europe
Image: SIGCINIWE
I-AFRIKA Mamas eyocothoza emazweni ase-Europe
Image: SIGCINIWE
I-AFRIKA Mamas iyocothoza kuchungechunge lwemicimbi esemazweni ase-Europe kusukela kule nyanga
Image: SIGCINIWE
Related Topics: