UNELISIWE SIBIYA othi indawo kaZama ayilingisayo emdlalweni Ithonga iyona emenze kwaphela ukungabazwa kwethalente lakhe njengoba eqale kulo mkhakha ecula
Image: FACEBOOK/NELISIWE FAITH SIBIYA
INTOKAZI yaseMpangeni, uNelisiwe Sibiya, iveze ukuthi ngathi iyafika emkhakheni wokulingisa njengoba imakhele udumo indawo ayilingisa emdlalweni Ithonga.
Kulo mdlalo ulingisa indawo kaZamahlobo, oyindodakazi yesiqumama esingene shi emkhakheni wamathenda uPablo (Siphosethu Mabaso).
Ekhuluma neSolezwe, uNelisiwe uveze ukuthi yize abantu bemchapha ngezinhlamba ezinkundleni zokuxhumana kodwa emkhakheni wokulingisa ngathi isona sikhathi esifanelei.
"Ngale ndawo ungathi imane ngigqamisa ithalente lami ekulingiseni. Ungathi kuyaqala ukuthi abantu babone ukuthi ngiwubani ngempela. Akugcini lapho, iningi liqala ukungazi ekubeni ngaqala ngenza umculo ngakho uma sengingena ekulingiseni abantu babe nokungalibuki kahle ikhono lami, bangeya. Ngakho ngijabule ukuveza lolu hlangothi lwami ekulingiseni," kusho uNelisiwe.
Uveze ukuthi angakuthandi ngale ndawo ayilingisayo ngukuthi wonke umuntu akayithandi le ndawo futhi lokho naye kumlimazile kancane ngakolunye uhlangothi.
"Kusekhona abantu kuleli abangakwazi ukuhlukanisa umlingisi nendawo ayidlalayo. Ekhasini lami ku-Instagram kukhona abantu uma ufaka isithombe bakuchaphe ngenhlamba ngenxa yento abayibona kwithelevishini. Omunye uzakwethu uke wangitshela ukuthi angiyeke ukukhathazeka, angikhumbule umlingisi uNtsiki, owayesemdlalweni iGenerations, owayezondwa ngabantu abaningi ngendawo yakhe, okwacacela wonke umuntu owazi umkhakha wobuciko ukuthi indawo yakhe wayeyilingisa kahle," kuchaza yena.
Uthe akuthandile ngalo mdlalo ukuthi ababukeli bazofunda okujulile ngempilo yamawele kanjalo nomkhakha wamathenda.
"Okokuqala nje engakuthanda ngalo mdlalo ukuthi basitshela ukuthi izindawo zethu zisuselwa kuphi, ukuzwa kubalwa negama likabhuti wami uNkululeko Mkhize naye owadutshulwa eZimbali, eThekwini, ekuwona umkhakha wamathenda, kwangithobisa kakhulu ngathanda ukuba yingxenye yawo," kuchaza yena.
Uveze ukuthi kulo mdlalo kusazoshuba njengoba uZama kusazogqama ukuthi unenhliziyo embi ngaphezu kukababa wakhe, uPablo.
Kwenzeka lokhu nje, lo mlingisi uqokwe emkhakheni we-Best Actress TV kumaSimon Mabhunu Sabela KZN Film and Television Awards.