UMCULI we-jazz, uMandisi Dyantyis noZee Nxumalo bangabanye babaculi abazonandisa etendeni lomsakazi nomculi weqembu iDream Team
Image: Sithunyelwe
UMCULI osanda kuqopha umlando eThekwini, ngokwenza umcimbi owagcina ubanjwa izinsuku ezimbili ngenxa yokushesha kuphele amathikithi osuku olulodwa owawuhlelelwe wona, uMandisi Dyantyis, uzoba ngomunye wabaculi abazonandisa etendeni iSaso’s Brunch Marquee, ezobe isemcimbini iHollywoodbets Durban July, ngoJulayi 5.
Lo mcimbi wamahhashi usenkundleni iGreyville Racecourse.
Abanye babaculi abazonandisa kulo mcimbi kubalwa uZee Nxumalo, Scotts Maphuma, Oscar Mbo, DJ Merlon nabanye okuvela ukuthi bazomenyezelwa maduzane.
UMandisi udume ngezingoma okukhona kuzo ethi NguMama, Ndimthanda, Cwaka nethi Molo Sisi. Umculo wakhe we-jazz, bawuthanda njengoba unesigqi sesintu saKwaXhosa.
Ekhuluma ngokuza kulo mcimbi, uveze ukuthi unothando lokuzocula eThekwini ngenhloso yokujabulisa abalandeli bakhe khona.
“Ngikubheke ngabomvu ukuthi ngijabule nabalandeli bami kulo mcimbi. Kuyajabulisa ukubuya eThekwini ngoba sekufana nasekhaya indlela engithola ngayo uthando nokuxhaswa,” kuchaza yena.
USaso ongumsakazi nomculi ogama lakhe langempela uLusaso Ngcobo, uveze ukuthi kulo nyaka bakhethe ukunyusa izinga lezihambeli kuleli tende okuzobe kukhona abantu abaqhamuka emikhakheni eyehlukene, abazojabulela ubumnandi bomculo ozobe usetendeni labo.
“Unyaka nonyaka, silwela ukuthi kube khona okusha esikuvezayo etendeni lethu ukuze wonke umuntu ajabule futhi sihlanganiswe nawumculo. Ukumema abaculi abadumile yiyona into ebesiyihlelile ukuze kudonseke amehlo entsha nabanye abazithandela umculo wamanje osuhambisana nemidanso ehlukene,” kusho uSaso.
Uveze ukuthi uyakholelwa esishweni sesiZulu esithi, "Umuntu umuntu Ngabantu", abonga ngaso abantu abalokhu beqhubekile nokumeseka kuleli tende.
“Kwamina ngiwumuntu osemusha, ngiyazi ukuthi kunzima kanjani ukuthola umsebenzi emkhakheni osuke uwuthanda. Ngabe angikho la ngikhona namhlanje ukube angilutholanga uxhaso lwabantu abakholelwayo kimi. Ngiyakholelwa ekutheni kubalulekile ukuthi uvulele nabanye amathuba uma usuphumelele njengoba kukhona abenza kanjalo kuwe ngesikhathi usazama,” kuchaza yena.
Related Topics: