Ezokungcebeleka

USomnandi ugijime ngesigqi sabeSuthu

Charles Khuzwayo|Published

USOMNANDI

Image: FACEBOOK

ISIHLOKO: I-VAR

UMCULI: Somnandi

UHLOBO: Ingxubevange

UMHLAZIYI: CHARLES KHUZWAYO

LENA i-albhamu entsha yengwazi yomculo kamaskandi, uThokozani "Somnandi" Langa, azibiza kuyo ngoSomnandi. Akukhona okokuqala leli ciko lizibiza ngaleli gama. Lake lazibiza ngoSomnandi eminyakeni eyedlule, ngesikhathi lisezwa amanzi ngobhoko emculweni wokholo. Njengamanje uSomnandi ubuye ngesigqi esiyingxubevange.

Engikuphawulile ukuthi leli cwecwe lihluke kakhulu kwawakhiqiza ngaphansi kukaThokozani Langa. Kudinga ukushayelwa ihlombe lokho ngoba sikhathele ngabaculi abanamagama amaningi kodwa uthole ukuthi isigqi siyefana. Uma ungezwa ingoma eyisihloko saleli cwecwe uzozwa ukuthi ishaywe ngomunye ushuni. Engomeni ethi Kubo Kaqiniso nayicula neMfezemnyama ethi Depression, zizothakaselwa kakhulu ngamaRasta ngoba zishaywe ngesigqi se-reggae. Nayicula noSiya Ntuli ethi Akabuye i-bass guitar ihamba esigqini se-reggae. Singichazile isigqi sethi Amapiano.

Ingoma ethi Indishi ingenze ngabona ukuthi kungani uSomnandi eswenke ngezabeSuthu ekhaveni. Ishaywe ngesigqi sabeSuthu. Kuleli culo uhambisana nomkhaya wakhe uMashelela Ngubane. Enye ingoma eshaywe ngesigqi sabeSuthu ngethi Abaphumele Phandle, nethi Fikazime ayenze noMasinga nayicula nendodana yomnewabo, uNjabulo Langa ethi Utshwala Kheman'. Ukube yimi obephrojusa lezi zingoma bengingapika namaciko angabeSuthu ngenhloso yokuba lezi zingoma zakhele uSomnandi ezweni likaMoshoeshoe. Ngiyababona abeSuthu beqhaqhazelisa amahlombe neziqwayi zabo bedansela lezi zingoma. Empeleni Utshwala Kheman' bebungaba yisihloko sale albhamu ngoba izedlula zonke ngobumnandi. Nakuba ingadlalwa kakhulu ezindaweni zobumnandi kodwa ngeke emsakazweni onjengoKhozi ngenxa yokuthi inezinhlamvu ezinganambithiseki. 

Ingoma ethi i-data iyona engikhumbuze uThokozani Langa ngoba ishaywe ngesigqi sombhaqanga, kuyasho ukuthi uyinzalo yawo. Engikuthande ngale ngoma ukuthi ukhuluma ngento eyenzeka njengamanje. Bonke abantu sebehlale be-online ezinkundleni zokuxhumana. Nethi Isitimela inguThokozani ngqo. Kukhona abangathi uphendula umculi thizeni ngayo njengoba ethi "abanye bagad' umzila uma besho kodwa mina ngigade ujantshi wesitimela. Ngeke ungiphakamise ngiyasinda wemfana." Mhlawumbe njalo ugadla isinyenyela.

Waze walikhuluma iqiniso uSomnandi ngengoma ethi Seniswenka Nonke nahambisana kuyo noMenzi ethi Uvume Oyigezayo. Okungichaze kakhulu ngalezi zingoma imiyalezo nokucikoza. Udlalile ngenkotha uSomnandi kule ngoma.  Ukhiphe amangwevu uSomnandi kule albhamu.