UKHOSI Twala oseveze ukuthi akafuni ukuziphika noma azivume izindaba zokuthi useshadile
Image: Instagram
INTOKAZI yaseNewcastle, eyadla umhlanganiso ohlelweni iBig Brother Mzansi ngo-2023, uKhosi Twala, iyihlaba inhlali eyokuthi ishadile.
UKhosi uthe ngeke aphike noma avume ukuthi useshadile, nakuba afaka isithombe ekhasini lakhe ku-Instagram, lapho aveza khona ukuthi useshadile ngokwesintu.
Kulesi sithombe wabongelwa abantu abaningi okukhona kubo osaziwayo okubalwa kubo uMbali Mavimbela, Blu Mbombo, LaConco, Dudu Khoza nabanye.
Umbhalo awufaka wawuthi “Ngivumile ukungena emshadweni, ngisanda kushada umshado wesintu nje,” kusho uKhosi.
Kulo mbhalo wakuveza ukuthi ingubo ayigqokile uyenzelwe omunye wabasiki bengqephu asebezakhele igama, uBayanda Makhathini.
Ekhuluma neSolezwe, uKhosi uvele waphela ihlaya ebuzwa ngalezi zindaba.
“Okwamanje angeke ngize ngiziqinisekise izindaba ezifana nalezo noma ngiziphike kodwa akukho engingakukhuluma okwamanje ngalokhu engakubhala ezinkundleni zokuxhumana, asigcine kulokho kuphela,” kusho uKhosi.
Le ntokazi yakuveza isohlelweni iBig Brother, ukuthi isebudlelwaneni nowesilisa wangaphandle kwakuleli, yathi isothandweni oluvutha amalangabi naye.
Akugcinanga lapho, yafaka izithombe nesoka layo bezikhiphe phesheya kwezilwandle.
UKhosi wangena ezinhliziyweni zabantu ebonakala ngezinto ezehlukene ayezenza kwiBig Brother.
Abantu bachazeka indlela ayesebudlelwaneni nayo noYemi waseNigeria, kodwa futhi enenhlansi yothando noThabang.
Lokhu kwenza abaningi bayivotela le ntokazi.
Okunye uKhosi ake wakuveza ukuthi uhlelo lwakhe aluqala esephakathi endlini oluthi Coffee with Khosi, nala akhuluma khona nosaziwayo abahlukene, seluqalile ukukhonjiswa kuYouTube.
Watshela Isolezwe ukuthi akuhlelayo ukuthi lolu hlelo lukhonjiswe kwithelevishini.
Related Topics: