Ezokungcebeleka

Kuzogqama ithalente labakuleli efilimini yeNetflix

Nokubongwa Phenyane|Published

ULerato Mvelase noBonko Khoza abazogqama efilimini ethi Marked ezoqala ukukhonjiswa kwiuNetfix ngoJulayi

Image: Sithunyelwe

UMLINGISI uLerato Mvelase uthe usekubheke ngabomvu ukubona ifilimu ezoqala ngoJulayi, alingisa indawo ephambili kuyona kwiNetflix, ethi Marked.

Kule filimu uzobe elingisa indawo kaBabalwa, okungowesifazane owenza noma yini ukuthola imali yokusindisa ingane yakhe.

ULerato uveze ukuthi iziqephu eziyisithupha zalo mdlalo, zizoshiya ababukeli bebambe ongezansi njengoba bezobona owesifazane olungile eshintsha ngenxa yezinkinga abhekana nazo.

“UBabalwa ngowesifazane osebenza njengonogada enkampanini yezimoto zemali, ushadile futhi ungumama othanda umndeni wakhe nomyeni wakhe uLungile (Bonko Khoza), nendodakazi yabo uPalesa (Ama Qamata). Kodwa ngolunye usuku uthola izindaba ezimbi ezimshiya edangele ngemishanguzo yengane yakhe njengoba inesifo esiyingozi esibeka impilo yayo engcupheni. Kusenjalo impilo yendodakazi yakhe iyaqala iba yimbi yize abazali bayo bezamile ukuthi ize ikhule beyinakekela,” kuchaza uLerato.

Uthe uBabalwa ayikho enye into ayizamayo ukuze asindise ingane yakhe kodwa uthatha isinqumo esingelula nesikhulu esizwa wuzakwabo uTebza (S’dumo Mtshali).

"UTebza ungumuntu okuthi uma enza into ayenze ngokungakani njengoba emusha ekwenzeni ubugebengu noZweli (Sphamandla Dhludhu)."

Uthe:“Uthatha indlela eyingozi njengoba icebo labo abalihlanganisile, kukhona abaqala ukungathembeki kulona kubona bonke. Wenza izinto ayengacabangi ukuthi empilweni yakhe uyozenza ngoba kukhona imigomo ayezibekele yona ngempilo eyingozi angena kuyo."

Uthe ubehlala ezibekele umgomo wokuthi kukhona izinto angeke azenze futhi ephila ngalokho nasemsebenzini wakhe.

Abanye abalingisi abakwiNetflix okuvele ukuthi bazogqama kulo mdlalo, kubalwa uJerry Mofokeng, Mduduzi Mabaso, Natasha Thahane, Gaisang Noge, Linda Sokhulu noDesmond Dube.

AbakwaNetflix baveze ukuthi ngale filimu babungaza ithalente elikhona kuleli, elizokhombisa izinkinga abantu besifazane nemindeni yabo abadlula kuzona.

Bathe umlingisi ngamunye kule filimu uzoveza ithalente elimangazayo, okuyinto ezodonsa amehlo abaningi.