Umethuli wezinhlelo uLawrence Maleka okhuza ibuya ukuzokwethula uhlelo Friends of Amstell, ezobe ibophele osaziwayo abahlukene kwi-e.tv‘
Image: Sigciniwe
UMETHULI wezinhlelo uLawrence Maleka useveze ukuthi uza nokukhulu kwisizini yesibili yohlelo losaziwayo iFriends of Amstel: The Challenge, ekhuza ibuya ngoMgqibelo kwi-e.tv ngo-6 ntambama.
Kulolu hlelo olwadonsa amehlo abaningi lugqama ezinkundleni zokuxhumana, osaziwayo bafika nabangani babo abahlanu, abahlukana babe amaqembu amabili badlale imidlalo ehlukene.
Kule sizini uLawrence uveze ukuthi uza nosaziwayo okukhona kubo uDJ Tira, Makhadzi, Khuli Chana, Nasty C, Mawhoo noMr JazziQ nabanye.
UPearl Thusi ushaywe ngesithende koDJ besifazane abazobonakala isonto nesonto njengoba uLerato Kganyago, odume ngelikaLKG, ekhuza ibuya kanti uzojoyinwa wuLamiez Holworthy.
Ekhuluma ngokubuya ohlelweni, uLawrence uveze ukuthi ujabule ngokuphinda azoshaya isizini yesibili futhi uza nomdlanda ozokwenza ababukeli baqhubeke balujabulele.
“Wuhlelo lolu oludinga ube nomdlandla oyisimanga, lukhulu futhi okwenzeka kulo ngesinye isikhathi usuke ungakulindele njengoba isiqephu ngasinye sisuke sijabulusa. Nakule sizini siphethe osaziwayo abahlukene futhi konke esizokwenza kuzomangaza abaningi, okukhona kukho imidlalo, nokunye esingeke sikusho manje ababukeli abazokubona ohlelweni,” kusho yena.
Uthe akuthanda ngalolu hlelo wukuthi lumnandi hhayi nje kubabukeli kuphela kodwa nakuye njengomethuli walo.
“Sengikulinde ngabomvu ukuthi ababukeli baqale balubone kwithelevishini, ikakhulu uma ngiwumethuli wohlelo ngoba ngisuke ngihlangana nabantu abaningi. Sixoxa ngezinto ezihlukene uma sebephawula ngalo uhlelo ezinkundleni zokuxhumana. Ngesikhathi luqala abaningi baze babubona seluya ngasemaphethelweni ubumnandi balo. Siyabonga ukuthi isiteshi sikhethe ukuphinde silubuyise kanti angingabazi ukuthi manje luzokwenza kahle uma kuza kubabukeli,” kuchaza yena.
Abazowina uthe bazozijabulisa ngohambo lwezicukuthwane oluzodla imali elinganiselwa kuR60 000.
Related Topics: