Ezokungcebeleka

UKhaya usakholelwa emshadweni noma waphela kabuhlungu owokuqala

Nokubongwa Phenyane|Published

UMSAKAZIi ophinde abe wumculi wwokholo nomfundisi uKhaya Mthethwa othi usakholelwa emshadweni yize umshado wakhe waphela kabuhlungu

Image: Sigciniwe

UMSAKAZI weGagasi FM ophinde abe wumculi ocula owokholo, uKhaya Mthethwa uthi usakholelwa emshadweni futhi usazophinde ashadelwe yize ezwa ubuhlungu kuphela umshado wakhe nozime wakuleli uNtandoyenkosi Kunene, waseMpumalanga.

Umshado wabo waphela ngo-2019 ngemuva kokuthi beshade iminyaka emibili baze babusiswa ngendodana.

UKhaya usakaza uhlelo lwasemini ngo-12 phakathi nezinsuku, iMidday Connexion,  alusakaza noDJ Sonic.

Ekhuluma kwiPodcast eyaziwa ngePodcast, Radio & Stuff eyethulwa wuNtokozo Ntshapa noNtobeko Khulume, uthe uyaziqhenya ngokuthi usedlulile kulesi simo futhi ujabule.

“Udaba lokuphela komshado wami lwaba buhlungu kimi ngendlela yokuthi angifiseli muntu ukuthi adlule kulo. Ubuhlungu engabubekezelela bukhulu kakhulu ngibhekene nalesi simo. Yinto engingafuni ukuthi yehlele omunye umuntu, engikufisayo wukuthi sonke sishade, njengoba nami ngikukhuthaza ukuthi abantu bashade, nami futhi ngisazophinde ngishadelwe. Ukuhlala ngawedwana akulungile, angifuni ukukhula ngibe mdala njengoba iningi labantu likhuthaza ukuthi ukukhula uze ube mdala uwedwa, ulokhu uphuma ungena iyona into edlisayo manje,” kuchaza yena. 

Uveze ukuthi ingoma ethi Mkhulu Umsebenzi, wayiqamba ebhekene naso lesi simo.

“Ngangisendizeni, kwafika le ngoma kimina. Yize wawungekho umsebenzi omkhulu nomuhle owenzeke empilweni yami, le ngoma yaba nkulu. Ngangisesimeni lapho ingcindezi yayingihlasele khona ngingazazi nokuthi ngingubani, nganginengane futhi encane, angifuni ukuphinde ngizibone ngikulesiya simo. Ngangisendaweni embi kodwa ukukholwa yikhona okwangikhipha kuleya mpilo,” kusho yena.

Uthe isinqumo asenza sokushiya umfazi wakhe omuhle, saba sibi futhi wakhala ngesikhathi kwenzeka konke lokhu empilweni yakhe.

Kwenzeka lokhu nje ezinkundleni zokuxhumana kusanda kusabalala i-video lapho uKhaya ethe uyazisola ngokushiya abanye besifazane abahle ayethandana nabo kudala.

Waveza ukuthi manje abesifazane asehlangana nabo abasafani nadlula kubo, okuyinto eyasusa umsindo ezinkundleni zokuxhumana.