Ezokungcebeleka

USimphiwe uzoxoxa indaba ngohambo lweminyaka engu-20 emculweni

Nokubongwa Phenyane|Published

USIMPHIWE Dana umeme abalandeli ukuthi baphume ngobuningi babo njengoba egubhaa iminyaka engu-20 emculweni futhi ezoba nedili lomculo eThekwini ePlayhouse ngoMgqibelo

Image: Sithunyelwe

UBONGA ukuxhaswa abalandeli bakhe eminyakeni engu-20 esendimeni yomculo, uSimphiwe Dana, okuzothi ngoMgqibelo abe nekhonsathi yokubabonga, ePlayhouse eThekwini.

Umcimbi uzoqala ngo-7.30 ntambama. Uthe ngeke aze akhohlwe wuthando aluthola ekhipha i-albhamu yakhe yokuqala ethi, Zandisile.

USimphiwe uthe yinye into ayeyazi engena emculweni ukuthi uza nento ehlukile ayengacabangi ukuthi abantu bazoyamukela ngendlela okwenzeka ngayo.

Ekhuluma neSolezwe, uveze ukuthi ukubekezela nempumelelo iyona nto ayibungazayo kule minyaka. 

“Sengisesigabeni lapho sekuseduze khona ukuthi ngishiye emculweni, kodwa okumnandi ngakho konke lokhu wukuthi kukhona izinto engingazikhomba ukuthi emculweni ngenze lokhu nalokhu. Ngibungaza izinto eziningi ngale minyaka, uma ngingathi ngiphumelele, leli gama ngibona sengathi angilisebenzisi kahle kodwa yilona elikubeka kahle okwenzekile kimi futhi kumele ngibungaze ngempumelelo yami kulo mkhakha womculo esikuwo,” kusho uSimphiwe.

Uthe izingoma zakhe akangabazi ukuthi beziba nomyalezo ohlukene othinta kakhulu intsha njengoba uma ezibhala, ubegxila ekutheni abuyise ithemba, ubuntu, ukuqwashisa nezinye izinto ezakha isizwe.

“Ngangazi mina ukuthi ngiwumuntu ohlukile ngiqala kulo mkhakha, ngangibukeka ngendlela ehlukile ngigqoka ngenye indlela, umculo wami uzwakala ngendlela abantu abangayazi, vele yilokho engangikufuna ukuhluka kwabanye. Lokhu kwenza kwami kanjalo kwakuyindlela yokutshela abantu ukuthi abavule indlela kuza umuntu ohlukile kulo mkhakha. Ngangixoxa indaba yokuthi kusho ukuthini ukuzethemba ngoba abantu bangahlala bekutshela ukuthi bukeka kanjani ube ungathandi,” kuchaza yena.

Uthe esteji uzobe enabaculi abayishumi abazobe bemphelezela futhi umema bonke abalandeli bakhe ukuthi baphume ngobuningi ukuzojabula naye.

Omunye umcimbi azoba nawo uzoba seKapa ngoJuni 27 no-28, eThe Baxter Theatre Concert Hall.

Amathikithi uthe ayatholakala eWebtickets.co.za noma ePick n Pay ngoR600.