Ezokungcebeleka

UManqonqo usizi lokungenzi kahle emculweni lumbuyisele ebandleni laKwaShembe

Nokubongwa Phenyane|Published

Usephumele obala ngosizi abhekane nalo emculweni umculi weGqom uManqonqo njengoba ethi abantu ayebathembile badla izigidi zemali yakhe ngengoma ethi Eyadini

Image: Facebook

UMCULI weGqom waseFolweni, uMlungisi Buthelezi odume ngelikaManqonqo owaduma ngengoma ethi Eyadini useveze ukuthi ukushiya ibandla lakwaShembe yikhona okwenze izinto zakhe zabheda endimeni yomculo.

Uthi abazali bakhe asebadlula emhlabeni sekuvele kaningi ukuthi bayakhala ngokuthi ukukhohlwa kwakhe ibandla akhule ngalo waze wagunda ikhanda ikhona okwenze izinto zakhe zabheda.

UManqonqo ubenengxoxo kuThe Basemant Podcast withi Sandile M.

Kuyo uSandile odume ngelikaFlymotion ubezokhuluma nalo mculi ngodumo lwakhe nokunyamalala emculweni.

UManqonqo uthe uyaziqhenya ngokwenza ingoma efana nalena yize ngayo engayitholanga imali yokudlalwa kwayo emsakazweni futhi abantu ayebathembile kuhlanganise nabangani bakhe ayesebenza nabo badla izigidi zemali yakhe.

“Ngesikhathi ngingena emculweni ngagunda ikhanda ngashintsha indlela engibukeka ngayo. Abazali bami sekuvelile ukuthi bayakhala ukuthi ngikhohlwe ibandla engisuka kulo nokumele ngibuyele kulona ukuze ikhaya livuke nami izinto zingihambele kahle emculweni, kungakho ungibona sengibeke izinwele nje,” kusho uManqonqo.

Uthe endimeni yomculo udlale abantu abahlukene abadle imali yakhe njengoba yena engakaze ngesandla sakhe abambe imali engangoR2 million, yize ingoma yamenza waqashwa futhi wadlalwa emsakazweni ehlukene nakuthelevishini.

Ukugcizelele ukuthi ku-akhawunti yakhe ngale ngoma imali ayibonga kungenzeka ingangoR50 000 kuphela.

“Ngabhekana nesimo esangithatha sangibeka ebalazweni ngengoma engayiqopha. Kodwa abantu engasebenza nabo abahlukene abangani bami badla imali yami engangingazi ukuthi iyangena, uJurnior Lovey noDogg Durban yibona abantu engasebenza nabo befuna ukuthi ngiye phambili, kodwa ukungazi kahle ngalo msebenzi kwangenza ngabashiya ngahamba nabantu abafike bangithembisa izulu nomhlaba kanti bazodlala ngami. Umuntu owaqala wadla imali ngo-2018 omunye uSbu Gweje owafika ethi unamabhizinisi nemali futhi uzongenza ngibe sebalazweni, waqala phansi wangishuthisa iVideo entsha ngaqashwa, sahamba eGoli silala emahhotela engithengela izimpahla kodwa imali ngingayitholi,” kusho yena.

Uthe inkinga yaqala ngo2019, ngoJanuwari esefuna umali yemicimbi akade eyihamba ngoDisemba wagcina engamtholanga walahlekelwa izimali eziningi.

“Ngineqiniso ukuthi uSbu wahamba nemali yami eningi, ngoba ngalawomaholidi mina usuku nosuku ngangiqashwa. Emculweni ngigcine ngibonile ukuthi isikole sibalulekile ngoba akumele ube nethalente kuphela. Kwangilimaza ukushiya uJurnior noDogg, ngoba ngabashiya besangakha, muva nje ngike ngaxhumana noDogg ngicela ukuthi siphinde sisebenze wathi ngibomthinta uma sengifuna sisebenze,” kuchaza yena.

Uthe yize esematasa njengoba esebuyile emculweni uyathemba ukuthi ingoma yakhe ethi Umdanso ezophuma ngesonto elizayo abantu bazoyijabulela.

Nezinye izingoma uthe zikhona azozikhipha aseziqophile.