Ezokungcebeleka

ULady Zamar ucikwa ngabawaka abahleli bemicimbi ngaye

Charles Khuzwayo|Published

ULADY Zamar ukhala ngogalakajana abaqola abahleli bemicimbi ngegama lakhe

Image: SIGCINIWE

INTOKAZI eyintandokazi emculweni we-pop kuleli, uYamkan "Lady Zamar" Banda, ithukuthele iyaveva emuva kokuthola ukuthi kunogalakajana abadla amandla ayo. ULady Zamar (29), osanda kukhipha inoni elisihloko sithi Russian Roulette, usekhiphe isexwayiso esishisayo wasibhekisa kubahleli bemicimbi ngabantu abahamba bekhohlisa abantu ngokuthi usebenzisana nabo.

Lo mculi, wodumo lwengoma ethi Collide, uze wenza isitatimende maqede wasisabalalisa ezinkundleni zokuxhumana. Uthe ufuna ukuqinisekisa ukuthi uMnuz Mthokozisi Ngwenya weGolden Child Records, uyena kuphela umphathi wezindaba zakhe zomculo ogunyazwe ukumumela kunoma yiziphi izingxoxo nokunguye okukhulunywa naye uma kukhona odinga uLady Zamar.

Ubuye waveza ukuthi yena njengamanje ungaphansi kweVirgin Music Group, hhayi kwezinye izinkampani.

"Akekho noyedwa ongekho kulezi zinkampani okumele avunyelwe ukuba yingxenye yethimba futhi akekho ongenaso isivumelwano esibhalwe phansi ongabamba izingxoxo egameni likaLady Zamar."

Uthe okumenze waphumela obala ngalokhu wukuthi kunabathize asebeke bazishaya isifuba ngokuthi bamele uLady Zamar kwezinye izingxoxo.

Uvumile ukuthi abanye babo ngabantu ake wasebenzisana nabo phambilini kodwa babuye basihoxisa isivumelwano abe naso nabo.

"Lesi sitatimende sikhishelwe ukucacisa ukuze kugwenywe obunye ubuhixihixi obungenzeka ngokuzayo."

ULady Zamar ukhuza ibuya emculweni emuva kokuba nyamanambana kubantu abaningi, ikakhulukazi baKwaZulu-Natal, kulandela ukungaboni ngaso linye phakathi kwakhe nozakwabo, uSjava, okwaze kwaphelela enkantolo.

Sekungumlando ukuthi uSjava watholwa emsulwa ezinsolweni zikaLady Zamar zokuthi wamdlwengula eminyakeni eyedlule. Lezi zinsolo zagcina zithele inhlabathi nasekudleni kukaSjava njengoba naye ahoxiswa emicimbini eminingi ngisho nasekulingiseni kuZalo

ULADY Zamar ucikwa ngabawaka abantu ngegama lakhe

Image: FACEBOOK

ULADY Zamar ucikwa ngabawaka abantu ngegama lakhe

Image: FACEBOOK