Ezokungcebeleka

Uhulumeni akasebenzisane neMoja Love ukulwa nesihlava sabokufika kuleli

Nokubongwa Phenyane|Published

UZANDILE Dabula odume ngelikaGudluza owethula uhlelo i-X Deport, olubheka abokufika abakuleli ngokungemthetho

Image: Facebook

KULEZI nsuku isihlava sabokufika abakuleli ngokungemthetho sithinta wonke muntu.

Kunamamashi okulwela ukuthi bahambe babuyele emazweni abo.

Konke lokhu kungenxa yezinsolo zokuziphatha kwabo budlabha ikakhulukazi emadolobheni akuleli.

Akugcini ngalokho njengoba iMoja Love(157), iphume umkhankaso wokwenza izinhlelo ezibheka ukuba khona kwabo kuleli ngokungemthetho namabhizinisi abanawo.

Izinhlelo ezifana noluthi X Deport neSizokuthola, zikwezikuveza ngokusobala ukuthi inkulu kangakanani inkinga yabokufika kuleli.

I-X Deport eyethulwa nguZandile Dubula odume ngelikaGudluza, iveza izinkampani ezinkulu eziphethwe abokufika futhi kuzo kusebenza bona abokufika.

Kukhona uhlelo iSizokuthola kulona uXolani Khumalo, uhambela amalokishi ahlukene eshaqa izidakamizwa.

Yize lezi zidakamizwa iningi lazo litholakala kwabakuleli kodwa abakuvezayo uma sebebanjiwe wukuthi izidakamizwa bazithenga kubantu bangaphandle.

Zombili lezi zinhlelo zibeka engcupheni impilo yabethuli bezinhlelo nabo bonke abasebenza kuzo.

Umsebenzi owenziwa kuzona kumele uthinte abaningi uma elakuleli lifuna ukulwa nokuhlala kwabantu bangaphandle.

Isiteshi kusemahlombe aso ukuthi siqashe izinkampani zonogada ezizimele ukuze zivikele abaqophayo, nomethuli.

Isiqephu sangeSonto eledlule se-X Deport, singithinte kakhulu.

Ithimba lalolu hlelo belihambele esitolo esikhulu esiphethwe abokufika base-Ethiopia, elokishini i-Orange Farm.

Kusona babafice ekuseni bengakavuli lapho befike babona ukuthi abasebenzi balala ngaphakathi ngenxa yokuthi abanamvume yokuba kuleli futhi abanazo nezindawo zokuhlala.

Abaphathi balesi sitolo bavele bafonela amaphoyisa akuleli bewabikela ngokuhlaselwa yilolu hlelo.

Amaphoyisa kunokuthi asebenzisane nabeMoja Love ukubheka ukuthi bonke abatholwe kulesi sitolo bakuleli ngokuyikho, afike alwa nabo kwaqhuma inhlamvu, babaleka bonke abebetholwe yithimba lohlelo.

Amaphoyisa aze akhipha isitatimende eyalela zonke iziteshi eziseGauteng ukuthi zingasebenzi nalolu hlelo.

Uhulumeni kumele akubheke ukuthi yini eyaba yimbangela yokuthi  izikhulu zamaphoyisa eGauteng  zikhiphe umyalelo ofana nalona.

Uhulumeni akasebenze nalesi siteshi ngoba senza umsebenzi onganciphisa ubugebengu obuthe chithi saka okusolwa bona abokufika ngabo.

Ziningi izingane okumanje zisemathuneni okusolwa ukuthi kungenxa yokudla ukudla okunoshevu ezikuthenga ezitolo zabokufika.

Leso yisimo nje okungabe uma kubonakala izinhlelo ezifana nalolu amaphoyisa asukume abophe abenza imikhuba engemihle.

UNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke uMnuz Senzo Mchunu, akahlangane nabaphathi beMoja Love, abheke indlela okungasetshenziswana ngayo.