UMCULI wasoGwini uTender Mavundla ozonandisa emcimbini Ugu Jazz ngasekupheleni kwale nyanga
Image: Sigciniwe
ABACULI okukhona kubo uTender Mavundla, Olefied Khetha, DJ Bruce noDJ Ken bakubaculi basoGwini abazonandisa emcimbini walo nyaka Ugu Jazz Festival, ezobanjelwe enkundleni yezemidlalo Ugu Sports & Leisure Centre, ngoJuni 28.
USiya Msomi ohlela lo mcimbi, uveze ukuthi bafuna ukuqhubeka nokugqakambisa usiko lokuveza ithalente abanalo esifundeni sabo, njengoba benabaculi abasebancane abenza kahle emculweni.
“Kulo nyaka siyajabula ukuthi simemezele abanye babaculi bendawo abazojabulisa izihambeli zomcimbi walo nyaka. Okunye okujabulisayo wukuthi bazoshiyelana isteji nabaculi okukhona kubo uZonke, Ami Faku, Mondli Ngcobo nabanye. Sifuna ukuveza ukuthi siyisifunda esiletha ubumnandi siphinde siqhoshe ngethalente lethu emculweni. Okunye okumele sikuveze wukuthi ngeke sikwazi ukuqasha wonke umuntu ongumculi oqhamuka esifundeni sethu kodwa siyathembisa ukuthi ekuhambeni kwesikhathi siyokwazi ukugcina siba nabaculi abahlukene abazoba yingxenye yomcimbi,” kuchaza yena.
Uthe amathikithi alo nyaka ayatholakala eTicketpro kusuka kuR150 noR600 iVIP.
Umcimbi Ugu Jazz Festival uthe bazobe bewenze ngokubambisana nozobanjwa okwesithathu kulo nyaka, i-Offramp Experience.
Uthe banemicimbi ehlukene ukuze wonke umuntu abe nento ehambisana naye.
Ubale umncintiswano wokudoba ozoba ngoJuni 21 ababheke ukuthi uhlanganise izinhlanga ezehlukene.
Ngawo uJuni 21 kuzoba nomncintiswano webhola iMayor’s Cup.
NgoJuni 27 kuneWorship Experience oGu Sports and Leisure Centre.
Emcimbini i-Offramp Worship Experience, kuzonandisa uXolly Mncwango, Hlengiwe Mhlaba, Sgwili, Malusi Mbokazi Pastor Shongwe, Prophet Msimang noSthabile Manyambose.
Related Topics: