USIHLALO wobumbano lwaMaBhele, uMnuz Thami Ntuli emukela iMeya yaseThekwini, uMnuz Cyril Xaba kanti obukelayo ngemuva wuMnuz Siyabonga Njokweni eCity Hall yaseThekwini
Image: SITHUNYELWE
IMEYA yaseThekwini igqugquzele imiphakathi yakuleli ukuba isebenzisane ukuze iqede inkinga ekhungethe elakuleli. UMnuz Cyril Xaba ukhulume kanje ngesikhathi ehambele isifundo sesikhumbuzo sikaNdlela KaSompisi eCity Hall eThekwini muva nje.
UXaba ubuye wagcizelela ubumqoka bokubumbana kwezizwe ngenhloso yokwenza okuhle ukuze kuzuze zonke izizwe.
Usihlalo walolu bumbano lwaMaBhele, uMnuz Thami Ntuli, uthe inhlosongqangi yalo wukufundisa kabanzi ngeqhaza elabanjwa wuNdlela KaSompisi ekwakhiweni kwesizwe sikaZulu. UNdlela KaSompisi wayengumkhuzi wempi ngaphansi kweNkosi uShaka neNkosi uDingane.
Lo mkhosi ubuhanjelwe ngabaholi abaqavile okubalwa kubo uMnuz Barend Uys we-AfriForum, Inkosi uMthetheleli Ntuli oyisizukulwane sikaNdlela KaSompisi, Inkosi uLanga Mavuso oyiPhini likasiHlalo weNdlu yabaHoli beNdabuko kuZwelonke ePhalamende, Inkosi Bambilanga Mabandla wase-Eastern Cape nabanye abaholi abaqavile.
Abantu abazalana nesibongo sakwaMbhele bebefike ngobuningi babo futhi beliqhamukisa kuzo zonke izifundazwe zakuleli.
YINGXENYE yezithameli ebezihambele isifundo sesikhumbuzo ngeqhawe lamaBhele, uNdlela KaSompisi ebesiseCity Hall eThekwini
Image: SITHUNYELWE
Related Topics: