UTHUSO Mbedu useveze ukuthi usekubheke ngabomvu ukuthi abantu babone umsebenzi awenze efilimini ethi Task, ezoqala ukukhonjiswa ngoSepthemba kuleli, alingisa kuyo indawo yomunye wabaseshi abahamba phambili
Image: X
INTOKAZI yaseMgungundlovu, uThuso Mbedu, iveze ukuthi ayazi ukuthi ingayichaza kanjani injabulo enayo ngefilimu yaseMelika, ezoqala ukukhonjiswa kwiShowmax kuleli ngoSepthemba.
Kule filimu elwa nobugebengu ethi Task, uThuso uzobonakala elingisa indawo yomunye wabaseshi abahamba phambili, u-Aleah Clinton.
Uzobonakala nabanye ozakwabo benikwa umsebenzi wokuqeda ubugebengu bokubamba inkunzi obuthe chithi saka emalokishini asePhiladelphia.
Iziqephu eziyisikhombisa zalo mdlalo zibhalwe wuBrad Ingelsby.
Ekuqaleni kwalo nyaka uThuso umemezele izindaba zokuthi ungomunye wabalingisi efilimini ayekade ekuthandazela ukuba yingxenye yayo ethi, Children of Blood and Bone.
Kule filimu ezophuma ekuqaleni kuka-2027 ulingisa nezinkakha zaphesheya okukhona kuzo u-Amandla Sternberg, Damson Idris, Cynthia Erivo, Viola Davis, Idris Elba, Lashana Lynch nabanye.
Ekhuluma ngokuba yingxenye yale filimu uThuso, uthe kuyamjabulisa ukuthi ekugcineni usezokwazi ukuveza konke okwakwenzeka belingisa.
"Kunini ngalinda ukuthi abantu babone ukuthi bekwenzekani sishutha. Konke kuhambe kahle futhi sengifisa abantu babone umsebenzi wethu. Nathi sesizokwazi nokuveza okunye obekuqhubeka ngesikhathi.kushuthwa Ifilimu engingangabazi ukuthi abaningi bazoyijabulela ngoba sisebenze kanzima. Okunye kuyobonakala kuyona ifilimu kodwa ngibe nesikhathi esimnandi," kuchaza yena.
Uthe yifilimu yakhe yesihlanu lena aseyishuthe phesheya kwezilwandle ngemuva kokuthi aqala ukubonakala kwethi, The Underground Railroad ngo-2021.
Kwacacela noma wubani ukuthi uThuso uya kude ngo-2022, elingisa indawo ephambili efilimini eyadonsa amehlo abaningi iThe Woman King, lapho ayelingisa khona indawo kaNawi enomlingisi waseMelika, uViola Davis.
Selokhu aqala ukwenza amafilimu aphesheya kwezilwandle, useqokwe emicimbini emikhulu okukhona kuyo amaCritics' Choice Awards, Hollywood Critics Association Television Awards.
Unendondo ayithola emcimbini ama-Emmy Awards njengoba ayeqokwe emunxeni weBest Performance Actress ngo-2018.
Related Topics: