Ezokungcebeleka

Kuhlukene imindeni 'ngozenza' uMampintsha

Charles Khuzwayo|Published

BABES WODUMO

Image: FACEBOOK

CAPTAIN

Image: SIGCINIWE

UDADEWABO womculi wekwaito ongasekho, uMandla "Mampintsha" Maphumulo, umhlaba uyamhlikiza umakoti wakubo uBongekile "Babes Wodumo" Simelane-Maphumulo, njengoba (uBabes) ethi umculi omusha kaDJ Tira, uSiphamandla "Captain" Mathebula, ubathunuka amanxeba ngokuzenza uMampintsha.

UPinky Gumede, ozalwa noMampintsha ngumufi uZama Gumede, uthe akunamndeni kaMampintsha ophatheke kabi ngesenzo sikaTira kodwa kunalokho bajabule bona ngomfowabo.  Uthe ukuqhamuka kukaCaptain kuyabajabulisa ngoba kwenza igama lomfowabo lingashabalali kodwa lihlale lisematheni.

UPinky uthe kunopopayi asebesabalele ezinkundleni zokuxhumana abakhulumisa okukaMampintsha, athe uyabathanda futhi uze abelane ngabo nabangani bakhe ezinkundleni zokuxhumana. 

Ekhuluma noTira kwiWena Wodumo kuMoja Love, uBabes uthe ibaphethe kabi kakhulu indaba kaCaptain ngoba uzenza uMampintsha, kangangoba uze akopele nezitayela zakhe namatemu adunyiswa wumyeni wakhe.

"Ukuthi akaqondi ukuthi usivusela izilonda kangakanani." Uthe uyamazi uCaptain ngoba ubengumshayeli wezimoto zikaMampintsha futhi uMampintsha wamyala ngokuthi aze angalinge azame ukungena emculweni ngoba le ndima ayinjengoba eyicabanga.

UBabes uveze ukuthi babevumelene bonke noDanger noTira egruphini kaWhatsApp ukuthi kufanele azitshwe uCaptain ngoba uzenza uMampintsha, uzobavusela izilonda.

"Sayikhuluma kabanzi sajula indaba yakhe. Sengiyaxakeka ngoba uTira owathi lo mfana asimdingi ngoba uzenza uMampintsha. Uyena owaze wathi 'Babes, uzenza uMampintsha, usivusela izilonda'. Wathi nami angimzibe. Ngiyakhungatheka uma sengimbona enkampanini yakhe, okungicasulayo uculisa okwakhe uMampintsha, aze asho namatemu zakhe." 

Eziphendulela uTira uthe yena wabona ikhono kuCaptain wabe esethi akamnikeze ithuba. 

"Hhayi ukuthi ukucula noDanger sekusho ukuthi usezovala isikhala. Bazama ukuqhamuka nesigqi esisha," kusho uTira.  

Unxuse uBabes ukuba athi ukumnikeza ithuba uCaptain ngoba kungenzeka ukuthi uMampintsha ujabule lapho ekhona uma ebona ivukane lakhe selithuthuka emculweni. 

"Ngiyamhlonipha impela uTira kodwa kulokhu uyaphambuka. UCaptain akabe yivukane le ezilwaneni hhayi anyuke ngendoda yami," kusho uBabes.

Engxoxweni yakhe yokuqala neSolezwe, uCaptain  wathi yize ekujabulela ukufaniswa noMampintsha ngendlela acula ngayo kodwa kumphatha kabi uma kuthiwa uzenza yena.

UMampintsha washona ngoDisemba 24, 2022, emuva kokuhlaselwa yisifo sohlangothi. UCaptain wathi wafunda lukhulu kuMampintsha ngenxa yokuthi wayengumshayeli wakhe.

UTira uqale wampika engomeni ethi  iSiyaphothula .

"Kimina yiqhawe futhi ongifanisa naye ngiyajabula ngoba wumuntu engangibukela kuyena. Engilimala khona ukuthi kuthiwe ngizenza yena."

Wathi ukucula noDanger akusho ukuthi sebekhanda iBig Nuz.

UCaptain noTira abatholakalanga.