U-EUGENE Mthethwa obhalele uSomlomo wePhalamende, uNkk Thoko Didiza, incwadi evuthayo ngosizi lwamaciko kuleli
Image: FACEBOOK
INGWAZI yomculo wekwaito eyilungu lePhalamende elisekomitini lezemiDlalo, ubuCiko namaSiko, u-Eugene Mthethwa, ibhalele uSomlomo uNkk Thoko Didiza, incwadi evuthayo, ikhala ngokubukelwa phansi kwamaciko ekubeni etshala izindodla zemali emnothweni.
U-Eugene, oyilungu leTrompies, uthe seyiminingi iminyaka ungaphendulwa umbuzo othi "Kungani amaciko akuleli efa esedla imbuya ngothi?"
Uthe yena uzophumela obala, ngaphandle kokwesaba nokungabaza, ukuthi iPhalamende lakuleli linesandla ekuhluphekeni kwamaciko. Lo mculi owasebenza kakhulu nenkosi yomculo we-reggae, uLucky Dube, uthe lokhu ukubone kahle ngesikhathi sehlandla lesithupha lePhàlamende, ngendlela ikomiti angaphansi kwalo elalibukelwa phansi ngayo futhi linqatshelwa nokuhambela izikhungo zezobuciko.
Okunye athe wakuphawula wukushovwa ngaphansi kwemibuzo yalo emqoka elaliyibhekise kuNgqongqoshe woMnyango wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko ukuba ayiphendule ngomlomo.
"Ihlale isezansi okwenza uNgqongqoshe agcine ephunyuke kanjalo engasaphendulanga ngisho owodwa umbuzo ngoba isikhathi sisuke sesidliwe yinja sekufanele kungenwe ezintweni ezithinta umnyango wakhe."
Uthe noma eyiphendula imibuzo asuke ebhalelwe yona uyiphendula ngezimpendulo ezinhlanhlathayo ngenhloso yokugcina icala.
"Ehlandleni lesithupha lephalamende ngasukuma ngifuna indlu idingide kabanzi ngezinkinga endimeni yezobuciko ukuze kuvele impendulo yombuzo ohlale uhlupha amaciko uma kukhona elishonayo, 'Kungani iciko lishone lidla imbuya ngothi?'. Isiphakamiso sami sazitshwa."
U-Eugene uthe umbuzo wowayengumengameli wezwe, uMnuz Thabo Mbeki ngesikhathi kushone umculi womgqashiyo, uSimon "Mahlathini" Nkabinde, awukaphendulwa ngisho nawungqongqoshe ohlale engekho ePhalamende kodwa othushuka emingcwabeni yamaciko esezokhuluma.
"Bayasikhohlwa uma sisaphila, sikhunjulwe uma sesingasekho emhlabeni. Ubufakazi balokho yindlela okudlalwa ngayo umculo wethu emisakazweni ngesonto lomngcwabo namazwi enduduzo evela ebantwini ebesingeke sicabange ukuthi bayayazi imisebenzi yethu noma bayabuqaphela ubumqoka bethu."
Ubuye wabalula abaculi abasadla anhlamvana kodwa ongasadlalwa umculo wabo emisakazweni naseziteshini zethelevishini futhi abangasaqashwa emicimbini emikhulu yakuleli abanjengoYvonne Chaka Chaka, Babsy Mlangeni, Abigail Kubheka, Blondie Makhene, Dan Nkosi, Phumi Maduna nabanye.
Uthe ukubaluleka kwalezi zinkakha kuyobonakala ngoba sezigulela ukufa. Uphakamise ukuba kubizelwe iPhalamende izinkampani eziqoqa imali yamaciko ezinjengoSamro ukuze zichaze ukuthi ishonaphi.
Uthe iningi imali esuke ibhekiswe emacikweni ehlale inyamalala kodwa kungajezi muntu. Unxuse uSomlomo ukuba alusukumele udaba lwamaciko ngoba afaka izindodla emnothweni.
Related Topics: