Ezokungcebeleka

OwoMuvhango usathuka izanya emuva kokusinda entululwaneni yezinhlamvu

Charles Khuzwayo|Published

UTEBOGO Thobejane owasinda eqhululwa ngentululwane yezinhlamvu

Image: FACEBOOK

OWAYENGUMLINGISI weMuvhango kuSABC 2, uTebogo Thobejane, usahamba ethuka izanya namanje emuva kwesigameko esamshiya eqaqanjelwa enhliziyweni nasemoyeni. Yize engageqanga amagula ngokuthi kwenzekani kodwa uTebogo (37), owayenguBelinda kwiMuvhango, ubhoboke okokuqala ezinkundleni zokuxhumana emuva kokuba owayeyisoka lakhe uVusumuzi "Cat" Matlala evele kafushane eNkantolo yeMantshi yase-Alexandra, kuleli sonto mayelana nalesi sehlakalo esamshiya ethuthumela.

UMatlala (49) ubhekene necala lokuzama ukubulala nelokwakha itulo lokubulala. Usolwa ngokuzama ukusoconga uTebogo ngokubambisana nabanye abasolwa okungoMusa Kekana (35) noTiego Floyd Mabusela (47), nabo ababhekene namacala afanayo nakaMatlala. 

Isolezwe lithole ukuthi ngo-Okthoba 2023 uTebogo nabangani bakhe bahlaselwa emgwaqweni uN1 eduze kwaseSandton maqede imoto ababehamba ngayo yaqhululwa ngentululwane yezinhlamvu.

UVUSUMUZI Matlala osolwa ngokufuna ukusoconga owayeyisinqandamathe sakhe uTebogo Thobejane

Image: FACEBOOK

Yize omunye wabangani adubuleka emgogodleni, uTebogo yena wadubuleka onyaweni. Nakuba uTebogo elulama kodwa umngani wakhe usabambekile esibhedlela futhi mancane amathuba okuba aphume esakwazi ukuzihambela ngezinyawo.

Kuze kube yimanje ayikaziwa imbangela ngokwenza umsolwa wafuna ukuqeda ngoTebogo. 

UTebogo unxuse abantu bakuleli ukuba basiqonde isimo akuso yena nomndeni wakhe njengoba besazama ukuphola ezinhlungwini abasala nazo. Uthe namanje basaqaqanjelwa yinhliziyo nezilonda zisabhibha.

"Lolu hambo alulula neze njengoba nobulungiswa bungakenzeki . Ngikholwa wukuthi kumqoka ukuyekela umthetho usebenze. Kunoma wubani ofuna incazelo ngokwenzeka, isitatimende esisemthethweni soPhiko lwezokuShushisa kuzwelonke sikhona futhi sichaza wonke amaqiniso ngokwenzeka ngalowo osebekwe icala ngokusemthethweni."

UTebogo uthe abukho ubuhlungu obudlula obokubona abantu ayenabo ngobusuku besigameko.

"Bekufanele ngibe namandla okubhekana nemindeni yabo, ngiyichazele ngosizi lwami. Nokuphila nobuhlungu bokuthi bahlukumezeka ngenxa yesimo engangibhekene naso (nakho akulula. Yinto ehlezi ingidla nsuku zonke."

Uthe akulula ukudlulisa lesi sigameko bese eqhubeka nempilo sengathi akwenzekanga lutho, ekubeni inhliziyo isaqaqamba.

"Ngiyazama njalo ngosuku ukuba nokuthula, uxolo nokuvuselela umoya."

Ube esebonga imindeni yabagilwa ngokungambambeli amagqubu ngokwenzeka wabonga nabahlale bemeseka mihla yonke.

UMatlala, osagqunywe esitokisini nabanye abasolwa, kulindeleke ukuba babuyele enkantolo ngoMeyi 30 ukuze bafake isicelo sebheyili noma ngoJuni 3 uma kungalunganga ngoMeyi 30. 

UTEBOGO Thobejane owasinda eqhululwa ngentululwane yezinhlamvu

Image: FACEBOOK

UTEBOGO Thobejane owasinda eqhululwa ngentululwane yezinhlamvu

Image: FACEBOOK

UTEBOGO Thobejane owasinda eqhululwa ngentululwane yezinhlamvu

Image: FACEBOOK