U-BRIAN Khumalo obeyingxenye yabalingisi emdlalweni i-Adulting kwiShowmax, othi kumkhuthazile ukuthi aqale emidlalweni emikhulu njengoba manje eyingxenye yomdlalo ozoqala kwiSABC1 othi Amalanga Awafani
Image: Facebook
UKHOLWA wukuthi kumnike isikhuthazo ukuqale abonakale elingisa emdlalweni omkhulu ofana ne-Adulting, kwiShowmax, uBrian Khumalo waseJolivet, eHighflats, muva nje oyingxenye yabalingisi bomdlalo othi Amalanga Awafani.
Ekhuluma neSolezwe, uBrian uthe kwi-Adulting kwakumele alingise kwisizini yokuqala kuphela kodwa indlela alingisa ngayo ophrojusa balo mdlalo bambuyisa.
“Engikubonga kakhulu ukuthi ngiqale kulo mdlalo ngilingise nabantu asebezakhele igama, nokuyinto engisizile uma sengiya kweminye imidlalo. Ngithe ngiqeda ukufundela ukulingisa eDUT, ngaba yingxenye yomdlalo kaZuko Nodada othi Mother Of All. Noma ngingagqamanga kuwo kodwa kwangijabulisa ukubona ukuthi kusetshenzwa kanjani kulo mkhakha.
"Ngemuva kwalokho, indawo yami yayincane kwi-Adulting kodwa ngenxa yokuthi ngayilingisa ngendlela eyathatha ophrojusa balokhu bengibiza uma kuqoshwa kuze kube umdlalo uyagoqwa manje,” kusho uBrian.
Uthe kulo mdlalo omusha ozoqala ngo-Ephreli 28 kwiSABC1, ulingisa indawo kaSugarbasin okuwumfana omncane oyiphisi (othanda ukuzingela).
“Ababukeli sebeyaqonda manje ukuthi emidlalweni ehlukene ngeke silingise izindawo ezifanayo. Nakulo mdlalo bazobona umuntu ohlukile kunalona abamjwayele. USugarbasin ungumngani omkhulu kaSabelo (Fanele Zulu), yize engumfana omncane kodwa uhlakaniphile futhi akafuni lutho olubi olwenzeka kumngani wakhe, uma ephambuka uyambonisa ukuze abuyele endleleni,” kuchaza uBrian.
Uveze ukuthi kumjabulisile nokubuya esifundazweni iKwaZulu-Natal ekhaya azoqopha khona, nokuyiphupho likanoma imuphi umlingisi, wathi bona beyofundela lo mkhakha kwakusemqondweni wabo ukuthi okumele bakwenze ukuthi bafunde bese beya eGoli noma eKapa la kunamathuba khona.
Manje akubheke kakhulu uthe ufuna ukulingisa emidlalweni emikhulu phesheya kwezilwandle.