Ezokungcebeleka

Kungishayise ngovalo ukulingisa indawo ephambili: Fanele

Nokubongwa Phenyane|Published

UMLINGISI uFanele Zulu useveze ukuthi kumshayise ngovalo ukuthola indawo ephambili emdlalweni othi Amalanga Awafani oqale ngoMsombuluko kwiSABC1

Image: Sithunyelwe

UMLINGISI wendawo kaSabelo Gumede emdlalweni othi Amalanga Awafani oqale ngoMsombuluko kwiSABC1, useveze ukuthi luningi ucwaningo obekumele alwenze ngendawo ayilingisayo njengoba ingathi iqoshelwe emakhaya kodwa yena ekhulele endaweni yabadla izambane likapondo, eThekwini.

UFanele oseke wabonakala emidlalweni okukhona kuyo Uzalo, Durban Gen, Shaka Ilembe ulingisa indawo ephambili kulo mdlalo oqale ngoMsombuluko kwiSABC1, ngo-6.30 ntambama.

“Ngiyithola indawo ngaba novalo ngoba ngiwumfana obe nenhlanhla ngazalwa abazali abami kahle, ngakho ngikhulele edolobheni, angiyazi impilo yasemakhaya. Kodwa ngizitshelile ukuthi akukho okuzongehlula ngazinikela ekutheni le ndawo ngiyilingise njengomuntu owazi konke ngokukhulela emakhaya.” kuchaza uFanele.

Uveze ukuthi noma yimuphi umlingisi uyazi ukuthi kuba into enkulu ukuthola indawo ephambili naye uzizwa ejabule ngokuthola ithuba elifana naleli.

“USabelo umfana ohluphayo ohlale enza amaphutha kwesinye isikhathi angenasidingo. Kodwa kukhona konke unenhliziyo enhle futhi uyabathanda abantu. Kulokhu abantu asebekubonile manje bayambona uyaphanta kodwa ngokuhamba kwesikhathi izinto zizoguquka abe nemali, njengoba umdlalo usho amalanga awafani. Kuzokwenzeka izinto eziningi empilweni yakhe,” kuchaza yena.

Uthe abantu akangabazi ukuthi bazowujabulela umdlalo, ubhalwe kamnandi kahle - uzoba nezifundo eziningi entsheni.

Uthe indawo yakhe ihlukile kwezinye ake azilingisa nathemba ukuthi wenze umsebenzi omuhle kuyo.

“Intsha iyona engifuna ibuke umdlalo lona ngoba uthinta izinto ezenzeka kuyo kakhulu. Uma bebengakaqali bawubuke abawubuke manje. Kuningi abazokufunda okungamaphutha esiwenzayo singabantu abasha, bese kodwa sifunda kuwo,” kuchaza yena.

UFanele ukhuluma kanjena nje uzophinde abonakale emdlalweni Ishaka-Ilembe ozoqala kuMzansi Magic ngoJuni 15.