UDKT Zwelini Mkhize noMnuz Jacob Zuma bethamele inkonzo yomngcwabo kaNtshebe Khuzwayo weZingane Zoma
Image: FACEBOOK
UMNGCWABO womsunguli weZingane Zoma, uBusani "Ntshebe" Khuzwayo, uhlanganise abaholi bamaqembu aziwa ngokuba yinkukhu nempaka, i-ANC neMK Party.
Le nkonzo beyibanjelwe esigodini saKwaNgqulu, eQhudeni, eNquthu, ngoMgqibelo.
Kuyinto eyaziwayo ukuthi la maqembu, iMK ne-ANC, akabhekani emuva kokuba uMnuz Jacob Zuma, athula iqembu lakhe iMK Party ngoDisemba 16, 2023. Yize Izingane Zoma zicheme udede ne-ANC kodwa zingamathe nolimu noZuma kangangoba ziwe zivuka naye ebhekene namacala futhi naye waze waziklomelisa ngetekisi.
Yingakho-ke kulo mngcwabo bekukhona uZuma weMK nabaholi be-ANC baKwaZulu-Natal, uDkt Zwelini Mkhize oke waba ngusihlalo waleli qembu kulesi sifundazwe, uMnuz Senzo Mchunu naye owake waba ngusihlalo waleli qembu noMnuz Jomo Sibiya odabuka khona eNquthu.
Uhlelo lwale nkonzo beluphethwe ngowayengumsakazi woKhozi FM, uLinda "Mr Magic" Sibiya, owahlubuka kwi-ANC, wajoyina i-EFF.
UNtshebe ube ngumculi wokuqala kamaskandi ukuhlonishwa ngokuthi afihlwe endaweni yamaqhawe.
UMkhize, oke waba ngungqongqoshe wezeMpilo, uthe lesi yisinqumo esithathwe ngo-elethu ePhalamande lakuleli emuva kokuba kuzwakale izindaba zokudlula kukaNtshebe esibhedlela saseDundee, ngoMeyi 9.
UMkhize uthe ukushona kwalo mculi kube ngezinye zezihloko ezidingidwe kabanzi ePhalamende futhi wathulelwa isigqoko ngamagalelo akhe. Uchaze uNtshebe njengomuntu obenesibindi. Ukhumbule izingoma zeZingane Zoma, ethi zazidingida izindaba ezazingalokothwa. Uze waveza ingoma ezayihlabelela ngoZuma, ethi Msholozi.
Uthe le ngoma, esihloko sithi Msholozi, yabalekelela kukubi ngesikhathi befuna uZuma abe wumengameli. UMkhize uthe yaqhamuka ngesikhathi kwakuxabene ubendle kwi-ANC, umbango wezikhundla ushisa phansi.
Uthe babe sebethenga amakhophi eCD yale ngoma ukuze idlalwe ezimotweni zezithunywa zaleli qembu ukuze umyalezo wayo uzwakale nakwabanye ozakwabo. Sekungumlando ukuthi uZuma wawudla umhlanganiso kwingqungquthela ye-ANC, kwathi owayebanga naye lesi sikhundla sobumengameli baleli qembu, uMnuz Thabo Mbeki, wakhala ngaphansi okwentshebe yaKwaMashu.
Sekungumlando ukuthi Izingane Zoma zaqala ukuchema noZuma kusukela esabhekene nezinsolo zokudlwengula, okuyicala agcina elinqobile. Zazinandisa lapho kwakusuke kukhempe khona abalandeli bakaZuma ebusuku. Nangezingoma zazingazibekile phansi kangangoba nomholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, wagcina ethelwe ngamachaphazelo njengoba Izingane Zoma zamgadla ngengoma ethi Malema.
Yile ngoma eyadlalwa ngokungemthetho ngababengabasakazi bakaSigiya Ngengoma oKhozini, uTshatha Ngobe noNgizwe Mchunu, bagcina bemisiwe kulolu hlelo.
UZuma ukhale kakhulu ngokushona kukaNtshebe kungalindelekile ngoba ubesalindele lukhulu kuye, efuna agiye aqephuze uma leli lizwe selikhululeke ngokuphelele. Izithameli ziduduzwe ngomculo weMithente, Izingane Zoma nabanye abaculi.
Abanye ebebethamele lo mngcwabo yiPhini likaNgqongqoshe wezabaSebenzi, uMnuz Jomo Sibiya, uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli uMnuz Senzo Mchunu, umhleli weMpucuzeko uXolani Mcineka, uMnuz Japhani Mkhize, umengameli wamabhinca uNgizwe Mchunu nabaculi abanjengeZintombi ZikaMjaphani, Ntencane, Khuzani, Mthandeni, Jaiva Zimnike, Thokozani Langa, Mbuzeni Mkhize nabanye.
UNtshebe ushiye emhlabeni izingane zakwabo, amakhosikazi amabili uMaKhumalo noMaLanga nezingane zakhe.
UMNUZ Jomo Sibiya ebhunga okuthize nozakwabo, uMnuz Senzo Mchunu, enkonzweni yomngcwabo kaNtshebe Khuzwayo esigodini saKwaNgqulu, eQhudeni, eNquthu
Image: FACEBOOK
Related Topics: