HELLEN ZILLE
Image: SIGCINIWE
KUBOSHELWE abantu bemikhakha ehlukahlukene kwiRoast of Helen Zille eseSandton Convention Centre, eGoli ngoLwesihlanu.
PATRICIA DE LILLE
Image: SIGCINIWE
Kulindeleke ukuba kushube njengoba kuzoboshelwa abantu bamazinga ahlukene. Izinkakha zosomahlaya uTumi Morake obelingisa kwiBlack Tax noTrevor Gumbi wodumo kwiHow To Ruin Christmas ne-Uyang'kolota, yibo abazobe bengama-Roast Masters ukuqinisekisa ukuthi wonke umuntu ugadla kuzwele.
La maciko aziwa kakhulu ngokushiya izithameli ziphethwe yizisu ngamahlaya. Abanye abazobe besina bededelana bengcofana ngusomahlaya uLoyiso Gola, umsakazi uBongani Bingwa, umethuli nophrojusa wezinhlelo zezingxoxo kwiTV nasemisakazweni uRian van Heerden, umculi oyilungu leTKZee, uZwai Bala, umethuli wezinhlelo zezingxoxo uJJ Tabane, uMel Viljoen wodumo kwiDie Real Housewives van Pretoria neThe Real Housewives Ultimate Girls Trip-South Africa , uLesego Tlhabi odume ngelikaCoconut Kelz (ozobe engekho emcimbini kodwa uzobe ebangcofa ngokusetshenziswa kohlelo lwezobuchwepheshe), usonkondlo ongumethuli wezinhlelo zezingxoxo uSizwe Mpofu-Walsh nomculi uLondie London wodumo kwiReal Housewives of Durban.
Nesishoshovu somzabalazo esinguNgqongqoshe wezokuVakasha uPatricia de Lille sizobe sikhipha amangwevu.
Lo mcimbi, oyingxenye ye-Laugh Africa Comedy Festival, uzoqoshwa ngoLwesihlanu bese usakazwa kwiShowmax ngoMeyi 16.
Umqondisi wezobuciko kwiLaugh Africa Comedy Festival, uStuart Taylor, uthe balinyuse kakhulu izinga njengoba bebophele izingwazi zakuleli kulokhu, futhi wonke amehlo azobe ethe njo kuHellen Zille.
Oyinhloko emkhakheni we-content strategy kwiShowmax, uTracy-Ann van Rooyen, uthe umkhakha wamahlaya uwumgogodla wesiko lokukwazi ukukhininda amaqiniso njengoba enjalo nokudingida izihloko abantu abangazilokothi ngendlela yokuncokola.
"I-Roast of Helen Zille izoguqula umkhakha wamahlaya e-Afrika," kuphetha uTracy-Ann.
Lo mcimbi ubuye washayeka ngokuhoxa ngomzuzu wokugcina kukasomahlaya odume umhlaba wonke, uDion Cole, ngenxa yokulimala.
TUMI MORAKE
Image: Tumi MORAKE
Londie London
Image: SIGCINIWE
Related Topics: