Ezokungcebeleka

Uveza okunye okushaqisayo owodumo loKhozi emuva kokudlwengulwa ngowesifazane

Charles Khuzwayo|Published

UDKT Langalakhe Zwane odalule ukuthi useke wadlwengulwa ngomunye wozakwabo besifazane

Image: FACEBOOK

OWAZAKHELA udumo ngokumemezela izitimela oKhozini nangokulingisa kuMkhokha nakwiMbewu, uDkt Langalakhe Zwane, uveze okunye ngokudlwengulwa kwakhe nguzakwabo wesifazane ayesebenza naye kwaLoliwe.

Ekhuluma neSolezwe uZwane uthe lesi sigameko senzeka esasebenzela emahhovisi aseDurban Station ngo-2010. Uthe uzakwabo wamphoqa ukuba amlale ngoba uma engafuni uzomemeza athi uyamdlwengula.

UZwane uthe esephoqelekile ukulala nozakwabo, waphinda wabuya umsolwa esefuna baphinde, okuyilapho acela khona iziphathimandla ukuba zimyise emahhovisi aseNewline, eShallcross kwathi lowesifazane wayosebenza eRedhill.

"Sengisebenza eNewline lo muntu wesifazane waphinda wafuna ukuzosebenza nami khona. Ngabe sengibikela abaphathi ngakwenza kimi. Naye wabe esethi ngamhlukumeza ngokocansi futhi ngamshaya. Ngatholakala ngimsulwa."

UZwane uthe wagcina efudukele emahhovisi aseMlaza. Ethintwa owayengumphathi woZwane kwaLoliwe, uMnuz Ronny Chetty, uvumile ukuthi umsolwa wababikela ngokuhlukunyezwa nguZwane.

"Kwenziwa uphenyo futhi babizelwa esithangamini sokuqondiswa ubugwegwe kodwa uZwane watholakala emsulwa. Empeleni angisenayo imininingwane ephelele ngalolu daba ngoba lesi sigameko sesisidala kakhulu," kusho uChetty. 

Yize amaphoyisa ethi engamsiza uZwane ukuvulela umsolwa icala ngokudlwengulwa kwakhe  kodwa yena uthi akasazimisele ukuqula icala ngalolu daba ngoba kungamthunuka amanxeba asaphola.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Paul Magwaza, uthe uZwane angavakashela isiteshi samaphoyisa esiseduze ukuyovula icala.

"Amaphoyisa aqeqeshelwe ukweseka abagilwa futhi kumele abe neqholo lokuthi lolu daba luzonakwa njengamanye amacala okudlwengulwa," kuphetha uLieutenant Colonel Magwaza.

UZwane uthe akasazimisele ngokuqhubeka nalolu daba ngoba lwamhlukumeza, wagcina esegqigqa esithangameni sokulungiswa ubugwegwe.

Eqhubeka uZwane uthe wathola ukuthi umsolwa wayengaqali ngaye ukudlwengulwa kangangoba waze wathola nomntwana komunye wezikhulu zakwaLoliwe.

Ezinkundleni zokuxhumana bekuhlukene umbono ngokwehlela uZwane.

Abesifazane abaningi bashaya amakhala ngezinsolo zikaZwane bathi usenga ezimithiyo kanti amadoda amaningi avumelane noZwane.

Abanye bathi kungenzeka umsolwa wayefuna ukukhiphela ibhadi ngoZwane.

UZwane uthe uyabezwa abamphikisayo ngoba vele abantu besilisa abakholwa uma beveza ukuthi badlwenguliwe.

Uthe wayengeke angavukelwa yimizwa ngoba wayesemusha.

"Ingathi imizwa ivuka ubuka izinja zikhwelana. Usuke ungeke ulale nenja kodwa kuyazenzekela," kuphetha uZwane.