UConnie Ferguson oziqhayisayo ngokuqhubeka nomdlalo iKings of Joburg awuqala nomyeni wakhe uShona okhuza ibuya ngenyanga ezayo
Image: Connie Ferguson Instagram
UZOQHUBEKA nokulingisa indawo ephambili emdlalweni awusungula waphinde walingisa indawo ephambili nomyeni wakhe, uConnie Ferguson.
Umdlalo iKings of Joburg, isizini yesithathu izoqala ukukhonjiswa kuNetflix kusuka ngoJuni 13.
Ngemuva kokudlula komyeni wakhe uShona ngo-2021, indawo yembangi ayebanga nayo yathathwa uZolisa Xaluva, naye okhuza ibuya.
UZolisa ulingisa indawo ka Mo Masire, uConnie ulingisa ekaVeronica.
UConnie kulo mdlalo uthe abaholi abadumile edolobheni laseJoburg, bazoqhubeka nokuvikela izindawo zabo kodwa kukhona umuntu omusha ozobaphazamisa.
“Umholi omusha ufika edolobheni laseJoburg, ukuzoguqisa phansi umbuso wamabhizinisi akwaMasire. UClint Brink okungumlingisi esiwaziyo amagalelo akhe endimeni yokulingisa, uyena ozofika nezinkinga njengoba ezolingisa indawo kaGavin Salat. Ungumuntu wempi futhi ufuna ukuthi kuziwe ngaye kulona lonke idolobha laseJohannesburg. Ngakho sijabule ukuphinde senze isizini entsha yalo mdlalo esikholelwa ukuthi abantu bazoyithakasela,” kuchaza uConnie.
Uthe okuzogqama kakhulu kule sizini ukuhlangana kwezitha ezifuna ukuqumba phansi isitha esisha.
“Umhobholo nokungathembakali iyona into ehamba phambili kulo mdlalo. Kodwa engithemba ukuthi yinto ababukeli abazoyithanda, ukuqhubeka bafune inhloso yokuthi bonke laba bantu baze babe bempi engaka yini umsuka wayo,” kuchaza yena.
UZolisa uveze injabulo yakhe ngokubuya kulo mdlalo wathi ababukeli okumele bakubheke ukuthi kuzoba nezinkinga azobhekana nazo nokuthi uzokwazi yini ukudlula kuzo.
“Mina ngifisa ukuthi ngabe selufikile usuku lokuthi umdlalo uqale, siyabonga ukuthi ababukeli bomdlalo balokhu beqhubekile nokujabulela amasizini omdlalo kusuka ekuqaleni kuze kube manje,” kuchaza yena.
Kubalingisi abasha abazobonakala kubalwa uMaurice Paige, noKeenan Arrison, kubalingisi abakhuza ibuya kubalwa u-Abdul Khoza, osanda kumemezela ukuthi uyashiya ekulingiseni, uThembi Seete, uLlewelyn Cordier, uCindy Mahlangu no-Altovise Lawrence.
Related Topics: