UZola Nene uzohola amajaji ohlelweni iThe Taste Master eqale izolo kuSABC2
Image: Sigciniwe
INTSHA efuna ukugogoda emkhakheni wokupheka izothola ithuba lokuzama inhlanhla yokuba ngomunye wabapheki abahamba phambili kuleli ngoba lukhuza ibuya uhlelo iThe Taste Master SA.
Isizini yesithupha yohlelo iqale izolo ngo-7.30 ebusuku kuSABC2.
Kulolu hlelo kuzobonakala intsha eqhamuka ezifundazweni azehlukene kuleli, iqeqeshwa abapheki abahamba phambili, oyedwa akhale emukr nemali enguR200 000.
Umpheki waseMlaza, uZola Nene, ungomunye wamajaji aphambili futhi uzohola abanye ozakwabo.
UZola ekhuluma ngokuthola ithuba, uveze ukuthi yonke intsha ewu-10 engenele uhlelo, izohamba namathiphu ahlukene ngoba bazoyifundisa izindlela ezihlukene zokupheka ezoyivulela amathuba amakhulu emkhakheni wokupheka.
“Ngijabule ukuba umqondisi wale ntsha emkhakheni wokupheka. Kulesizini asifuni nje ukuthi sibaqeqeshele ukuthi bakwazi ukupheka ukudla okuhlukene kodwa sifuna nokudla kwabo kuxoxe indaba, umuntu asitshele ukuthi usuka kuphi nohambo lwakhe lokuba umpheki. Engingakusho sinentsha nabanye ozakwethu abangamajaji abazoshintshana ukungisiza ukubheka ikhono, kuwona okuzovela nomama wami ongizalayo,” kuchaza yena.
Kumajaji athe azobavakashela kubalwa uBongekile Nene, Chef Anwar Abdullatief, Daniel Blignaut, Nathan Clarke nabanye abapheki abadumile emkhakheni wethelevishini.
UYonwaba Pangeni wakwaSABC2, uveze ukuthi bayaziqhenya ngokubuyisa uhlelo olufana nalolu, olungagcini nje ngokujabulisa ababukeli kodwa luyakhuthaza, luyafundisa futhi luphinde lukhombise amakhono ahlukene emkhakheni wokupheka.
“Okujabulisayo ukuthi kuzobe kubonakala kuphekwa ukudla kwasekhaya, okuyinto engeke ize idide abaningi,” kuchaza yena.
Related Topics: