UNtombi Ngcobo Mzolo ozokwethula iziqephu zokugcina zohlelo iThe Mommy Club, ebesezilindwe ngamehlo abomvu. Uthe kulezi ziqephu kuzophendulela izimpendulo ababukeli abakade bezilindile
Image: Sithunyelwe
SELUKHISHIWE usuku obelulindelwe ngabomvu abangabalandeli bohlelo iThe Mommy Club, lapho kulindeleke ukuthi kuvele amaqiniso ngakho konke obekwenzeka eziqeshini ezidlule kuShowmax.
Isiqephu sokugcina esigcine ukubonakala ngoMgqibelo, okuzothi ngoMeyi 17 noMeyi24, kukhonjiswe ezimbili eziyisipesheli.
Lolu hlelo luzobe luphethwe nguNtombi Ngcobo-Mzobe.
Kulo nyaka kulo bekugqame uHermajesty, Mrs Sande, Pheladi, Vuyi, Mrs J, Noksie noRosette.
UNtombi uthe ababukeli bazobhema bakholwe ngoba uzinikele ekutheni aphendule yonke imibuzo abanayo kwabesifazane, ababonakale bebhekana nezingqinamba ezithinta imindeni yabo kanye nezingxabano akade benazo bodwa.
"Ngijabule ukubuye ngizokwethula uhlelo olufana nalolu. Ekugcineni ababukeli bayakudinga ukwazi ngokuthi yini ebidala laba besifazane baveze akade bekwenza nemindeni yabo kanjalo nabaphila nabo. Ukuba sesihlalweni esifana nalesi ngikuthatha ngendlela enobuchule futhi ebalulekile. Kubona bonke kukhona imibuzo edinga ukuthi bayiphendule, okuzokwenzeka eziqeshini ezizayo," kuchaza uNtombi.
Uthe ngokwakhe izimpi laba besifazane ababe nazo kulesizini, bekubukeka zisuka kudala futhi bakwaze ukubhodla ngoba sebethola ithuba lokuthi bazivezele umphakathi.
"Ngizobalalela ukuthi bazothini, ngithemba ukuthi nababukeli kukhona abazophenduleka kukho. Okunye futhi engizokuqikelela ukuthi ngeke ngithathe hlangothi lamuntu ngoba ababukeli balezi zinhlelo, bayabheka ukuthi umethuli wenza ubulungiswa yini uma ebuza imibuzo kowesifazane ngamunye," kuchaza yena.
Uthembisile ukuthi laba besifazane bayophuma bezwana futhi nababukeli bephenduleke kuyona yonke imibuzo akade benayo.
Related Topics: