Ezokungcebeleka

Umlingisi ubalisa ngokushiya indawo abeyilingisa emdlalweni Isitha

Nokubongwa Phenyane|Published

UMLINGISI uSipho Ndlovu osememezele ukuphela kwendawo ayilingisayo emdlalweni Isitha: The Enemy

Image: X

UBONGE abalandeli bakhe athe abakaze bamlahle umlingisi womdlalo Isitha: The Enemy, uSipho Eric Ndlovu, obelingisa indawo kaBandze, ebiphinde yaziwe ngelikaBholodzi.

USipho ubhale ekhasini lakhe kwi-Instagram, ukuthi uyashiya kulo mdlalo kodwa wangaveza ukuthi uzogcina nini.

Lo mlingisi ngomunye wabalingisi abazakhele igama muva nje belingisa indawo ephambili emdlalweni owaba nesasasa, othi The Wife.

Akugcinanga lapho ngoba uphinde waba kwabezindaba kuvela izindaba zokuthi uke washaya intokazi ayethandana nayo.

"Lokhu akusho ukuthi ngiyavalelisa ekulingiseni abantu ngeke besangibona kwithelevishini, kodwa ngithi kukhona lapho ngiya khona. Ngibonga abantu abangikhombise uthando ngilingisa le ndawo njengoba okunye abebekusho bekhombisa ukungeseka bekungakholakali. Kusuka ekuqaleni ukungikhuthaza kwabo bekunginika amandla okuthi ngiqhubeke nokwenza umsebenzi oncomekayo kule ndawo. Okunye ukungeseka kwabo bekungikhuthaza noma ngibhekene nobunzima bese ngikhumbula ukuthi kungani ngakhetha ukungena ekulingiseni," kusho uSipho.

Uthe uzokukhumbula akwenze kulo mdlalo njengoba indawo ayilingisayo isiya ngasemaphethelweni.

"Sengikubheke ngabomvu ukuqala olunye uhambo ekulingiseni, ngiyabonga ngakho konke," kuchaza yena. 

Kwenzeka lokhu nje abakwa-e.tv bebesanda kumemezele izindaba zokwamukela abalingisi abasha kwisizini yesithathu eqale ekupheleni kwenyanga edlule.

Kubalingisi abasha bamukele nosomahlaya osanda kudlula emhlabeni owazikhunga u-Ebenhaezer Dibakwane olingisa indawo kaTiga.

Abanye abalingisi abazobonakala kubalwa uThokozani Sithole ozolingisa indawo kaLangalibalele “Langa” Mkhize, Gcinile Nkosi (Nqobile “Kamavovo” Mkhize), Ayabonga Langa (Siyamthanda) noMondli Makhoba (The General).