KUBUKEKA zingahambi kahle izinto phakathi kukaTirelo noMpumelelo kwsizini yesithathu yohlelo Izingane Zes'thembu ezoqala ngeSonto elizayo
Image: Instagram
ISIKHANGISO sesizini yesithathu yohlelo Izingane Zesithembu sesigqamise ukuthi izinto kubukeka zingahambi kahle othandweni lukaTirelo nendodana kaMusa Mseleku endala, uMpumelelo.
Lolu hlelo lukhuza ibuya kuMzansi Magic, ngoMeyi 25, ngo-7, ebusuku.
Kulona kuzogqama izingane ezigqame ohlelweni lwesithembu, uThando Nesithembu ezizalwa esithenjini sakwaMseleku.
UTirelo onengane noMpumelelo uvela ebize uMseleku nezingane zakhe ezobatshela ukuthi uMpumelelo usenentombi athi uzimisele ukuyoyilobola kuqala kunaye.
“Mina ngikhathele wuMpumelelo, ngithole ukuthi unentombi futhi uzimisele ngokuthi ayoyilobola. Akathembekile othandweni lwethu mina ngibona kungcono ukuthi ngishiye kulolu thando, okokuba nentombi entsha ngikuthole ocingweni lwakhe,” kusho uTirelo.
NoMpumelelo kukhona lapho kuvela khona etshela uyise ukuthi sengathi akusahambi kahle othandweni lwakhe noTirelo.
Izingane zizobe zikhuluma ngokukhula kwazo ezintweni ezizenzayo.
Kuzona kuzogqama uMpumelelo, Mpilo osanda kuthweswa iziqu eNyuvesi yaKwaZulu-Natal, Sne, Lwandle no-Abongwe osezakhele igama ngokuqopha ama-video efunda ukupheka ezinkundleni zokuxhumana.
Kodwa ngokwesikhangiso esisanda kuphuma kubonakala kuzoba nomkhulu umsindo ngobudlelwane bukaMpumelelo, njengoba kuvela ukuthi unenye intombi.
UMusa Mseleku uyambuza ukuthi usafuna yini ukushada noTirelo njengoba izinhloso zakhe kwakuyilezo ekuqaleni.
Ngesizini edlule kwagqama eyokugqabuka kwegoda phakathi kwakhe noVuyokazi, ongunina wezingane zakhe ezimbili.
Kwaqala ukuba muncu ngesikhathi uMpumelelo eveza izindaba zokuthi uzokwenza unkosikazi wokuqala enye yezintombi zakhe eyintombi nto, hhayi onina bezingane zakhe.
Lokhu kwamcasula uVuyokazi owakhetha ukushiya kulolu thando, okungacaci ukuthi uzovela yini noma cha kule sizini entsha.
Muva nje okunye okuphinde kwadonsa amehlo abantu ngalo mndeni wukuvela kwezithombe zendodakazi kaMseleku encane, ayithole kunkosikazi wakhe wesihlanu uSamke Khwela.
Izinto aziphelanga kahle phakathi kukaMusa namakhosikazi akhe amathathu uMaYeni, MaKhumalo noMaNgwabe, kubangwa indaba yokufika kukankosikazi wesihlanu.
Akugcinanga lapho ngoba wona la makhosikazi aphume ashiya izindlu zawo eMzumbe lapho kade ehlala khona ayothenga eminye imizi esilungwini.
Related Topics: