Ezokungcebeleka

Ibahlaba umxhwele ifilimu evutshelwe kuleli

Charles Khuzwayo|Published

UMona Monyane onguLesego, elingisa nozakwabo odlala indawo kanina uClementine Mosimane onguDorris Tau efilimini esihloko sithi Sabbatical

Image: SIGCINIWE

ICHAZE abantu abaningi ifilimu evutshelwe kuleli emayelana nobudlelwano bukamama nendodakazi, esihloko sithi Sabbatical.

PHAMBILI kulingisa inkakha uClementine Mosimane onguDoris Tau, noMona Monyane odlala indawo kaLesego.

UClementine waziwa kakhulu efilimini ethi Poppie Nongena, nethi How To Ruin Christmas, kanti uMona uzakhele udumo kuMuvhango nasefilimini ethi Kalushi.  Umqondisi wefilimu, uKarabo Lediga, uthe ukwenziwa kwefilimu ukususele ebudlelwaneni anabo nonina uKgomotso Lediga.

Uthe uveza ukungqubuzana okubakhona phakathi komama abamnyama namadodakazi abo. 

Echaza uKarabo uthe okukuqala ubefuna ukuveza ukungqubuzana kwempilo yasedolobheni neyasekhaya.

Uthe abazali bavamise ukulangazeleli impilo ephezulu ebantweni babo njengokuthi babe nempahla yezinga eliphezulu ngoba bona bakala impumelelo ngezimpahla ezifana nemoto, umsebenzi neziqu zemfundo ephezulu. 

Kule filimu eshuthelwe ePitoli, naseSoshanguve, kudingidwa indaba yentokazi eyi-banker ebuyela kubo lapho ekhulele khona. 

UKarabo uthe lefilimu ibuye ivezele ababukeli izinto amadodakazi angeke azitshele omama. Uthe uLesego akakwazi ukutshela unina ukuthi akaphumelelanga ezifundweni zakhe ngoba akazi noma uzokwamukeleka yini kubo. 

Abanye ababonakala kule filimu ngoSeputla Sebogodi, Tshilofelo Maseko, Craig Urbani, Masello Motana, Tinah Mnumzana, Nupi Makhobo, Moditle Pholo, Kedibone Manyaka noLoyiso Gola ongumseshi obizwa ngoPercy Mthimkhulu.

Le filimu iqale ukukhonjiswa emabhayisikobho kwaNu Metro kusukela ngoLwesihlanu. Abantu abaningi bakhombise ukuyithakasela ezinkundleni zokuxhumana.

UCLEMENTINE Mosimane noMona Monyane abalingisa izindawo eziphambili efilimini esihloko sithi Sabbatical

Image: SIGCINIWE