Ezokungcebeleka

OweZingane Zoma uzofihlwa ngoMgqibelo

Charles Khuzwayo|Published

UNTSHEBE uzoffihlwa emathuneni aKwaNgqulu, eQhudeni, eNquthu ngoMgqibelo

Image: SIGCINIWE

UKUDLULA emhlabeni kukayise esafunda uStd 2 (Grade 4), kwaphoqa umsunguli nobengumdlali wesigingci weqembu likamaskandi, uBusani "Ntshebe" Khuzwayo, ukuba ayothungatha amatoho ukuze kulalwe kudliwe emndenini wakubo osesigodini saKwaNgqulu, eQhudeni, eNquthu.

Lokhu kuvezwe wumfowabo omelamayo uShobeni Khuzwayo, ongomunye wophrojusa abahlonishwayo emculweni kamaskandi.

Uthe uNtshebe (60) kwathi uma engawatholi amatoho eGoli, wachitha isizungu ngesigingci, engazi ukuthi usesungula ifemu egcine ifukule amalungu emindeni futhi ivumbulule amakhono kubantu abahlukahlukene. 

UShobeni uthe balahlekelwe kakhulu ngenxa yokuthi uNtshebe ubefana nenomfi emndenini ebihlanganisa umndeni futhi eyimvu.

"Ubenenhliziyo enhle kangangoba angikhumbuli kunomuntu othi uxabane naye ngoba ubengakuthandi ukukhuluma. Ubengesiye umuntu womsindo."

Uthe umufi wazabalaza kanzima ukuze umuzi wakwaKhuzwayo uphile impilo engcono emuva kokudlula emhlabeni kukayise uMnukeni Khuzwayo.

"Konke lokhu ubekwenza ngaphandle kwesicucu semfundo," kuphetha uShobeni.

UNtshebe (60) wazalelwa eKhombe Mission, eNquthu, ezalwa wuNkk Teze uMaSibiya noMnuz Mnukeni Khuzwayo. Ubeyingane yesibili ebantwaneni abayisishiyagalombili. Ufunde wagcina kuGrade 4 (kusewuStd 2).

Waqala ukufunda ukudlala isigingci ngo-1987 ebukela kumalume wakhe uGamu Sibiya. Kwathi ngo-1991 wanikela eGoli lapho afika wasungula iqembu, uNobizela ecula phambili futhi ebuye azivumele.

Waqala nge-albhamu esihloko sithi Zenzele Okwakho, eyelanywa ngethi Incwadi ngo-1992. Kwathi uma sekungena umculo wabantu besifazane owaqalwa yiqembu laseMsinga, Ubuhle Bezintombi, noNtshebe wasungula Izingane Zoma ngokubambisana nomufi uMqapheli Magubane, uShobeni, uZonikwani Ngobese noThandoluni Phungula.

Yize leli qembu lasungulwa ngo-1992 kodwa laze lakhipha i-albhamu yalo yokuqala ethi Izinkomo ngo-1993. Akagcinanga ukudlalela Izingane Zoma kuphela kodwa ubuye wadlalela Odadewethu, Olayizazi, Intombehloniphayo, Izingane Amakhosi neZintombi ZikaMjaphani.

Ngaphansi kobuholi bukaNtshebe, Izingane Zoma zihlabane ngamaGold Disc amahlanu ngecwecwe elithi Isidina Sikamahlalela ngo-1996, nayisikhombisa ngecwecwe elithi UMsholozi ngo-2005. Izingane Zoma zigcine ukuhlabana ngeGold Disc nge-albhamu ethi Obama, ekubeni yaqala ngo-1995 ngethi Umona.

UNtshebe ubeshiya izithameli zisahalela impinda emazweni angaphandle anjengoJapan, France nase-UK. Emaqenjini nakubaculi abaphume ngaphansi kweZingane Zoma Music Promotions esungulwe ngo-1998, kubalwa uMgqumeni, Thokozani Langa, Amashayina Amahle, Shwi Nomtekhala, Izintombi Zikamjaphani, Omthenjwa,izingelosi Zabathandazi, Abafana Benkokhelo, Hlanganani, Odadewethu,Olayizazi, Okhamanzi,Intombehloniphayo, Meleni, Okhamanzi, Siyabangena, Osaziwayo, Amagcokama, Abakwethu, AbakwaMlaba, Mroza Fakude, Mdumazi, Abangani, Ofamily, Isikhumbuzo, Abafana Benkululeko, Amasoka, Izitha noMhlaba.

UNtshebe ubeshadelwe ngamakhosikazi amabili futhi ebusiswe ngezingane ezingu-18. Umufi uzofihlwa emathuneni asesigodini saKwaNgqulu, eQhudeni ngoMgqibelo emuva kwenkonzo yesikhumbuzo ezoba seDowntown Music Hub eGoli namhlanje ngo-10 ekuseni. 

UNTSHEBE uzofihlwa emathuneni aKwaNgqulu, eQhudeni, eNquthu ngoMgqibelo. Kwesokunxele uThandoluni Phungula noTholakele Ngobese

Image: SIGCINIWE

UNTSHEBE uzofihlwa emathuneni aKwaNgqulu, eQhudeni, eNquthu ngoMgqibelo

Image: SIGCINIWE