Ezokungcebeleka

Ngadlwengulwa nguzakwethu-kusho odume kuMkhokha nakuKhozi

Charles Khuzwayo|Published

ULANGALAKHE Zwane udalule ukuthi useke wadlwengulwa njengamanye amadoda

Image: FACEBOOK

UMLINGISI wodumo kuMkhokha nakwiMbewu, uDkt Langalakhe Zwane, ugonyuluke ngokudlwengulwa kwakhe ngumuntu wesifazane ayesebenza naye kwaLoliwe. 

Ebuzwa kwiPodcast, Radio & Stuff ngeSonto ntambama, uZwane uthe lesi sigameko samehlela eminyakeni eyedlule.

"Ngathi ngidlula ehhovisi lomunye, wathi 'sorry kancane webab' uZwane ngicela udlule lapha. Ukhona yena. Uma ngithi ukhona ngiqonde ukuthi ungumuntu o-right. Ngidlule innocently."

UZwane, uzakhele kakhulu udumo ngokumemezela ngezitimela kuKhozi FM.

"Ngena, ngibuze ukuthi kwenzenjani Sisi? Avele awuvale umnyango akhiye. Athi yazi...siwu-2 la. Njengoba siwu-2 la, kukhona into engiyifunayo kuwe manje. Uma ngingayitholi ngizomemeza, ngoba sisobabili futhi ukhiyiwe umnyango. Ngathi akukhiyanga mina, kukhiye wena. Ngizothi ungikhiyele."

UZwane, odabuka eMnambithi, uthe amahhovisi abo ayakhiwe ngemesonathi, okuyiplangwe okulula ukubhodlezeka ngokukhahleleka.

"Wavele wakhumula. Ngeke ngiqambe amanga. Yayisilima lento yavele yasukuma. Kodwa inhliziyo inale-yonto ngoba akusiyo into engihlose ukuyenza kodwa ngoba ngizokwaziwa kabi la, ngimoshakelelwe yigama la. Ngathi angiyenze lento. Kwenzeka kanjalo."

Ukhulume waze washintsha ebusweni kwangathi kuhlengezela nezinyembezi."

"Akuzange kube kuhle yingakho kushintsha nomoya ngoba ngahlangana nento engekho yinhle kuze kube yimanje," esho aze ahlangazele izinyembezi kuze kuphoqeleke ukuba adonse ithawula abeliphethe azisule izinyembezi.

Uthe akazange abike emaphoyiseni lesi sehlakalo ngenxa yokuthi wayesaba ukuthi uzophendulwa ihlaya ngoba amadoda ayahlekwa uma ebika amacala afuze lawa. 

Imizamo yokuthola ukuphawula kukaZwane ayiphumelelanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.

UZwane, osebuya nakuZalo, uthe ukulingisa wakufundela ngo-1994 futhi akakaze wabizelwa kwinhlolokhono kodwa uyaqondwa anikezwe indawo azoyilingisa. Uthe wahlala neziqu zakhe ngoba wayesasebenza kwaze kwaba uthatha umhlalaphansi kwaLoliwe. Kwathi ngo-2016 waqala wathintitha izitifiketi zakhe wafuna ukugxila ekulingiseni. UZwane ube eseqashwa yiMbewu eyinyanga ebizwa ngoMacingwane.

Ukuvelela kule ndawo uthe kwenza ikhono lakhe labonwa ngabanye abelungu. Uthe bamthatha wayolingisa indawo kasaziwayo odume umhlaba wonke uMorgan Freeman eKenya ngenxa yokuthi unenswebu yakhe. 

 

Uqhube wathi babemfunela ukulingisa esikhangisweni se-pizza. Uveze ukuthi khona maduze uzobonakala komunye umdlalo wethelevishini angeke anabe ngawo.

UZwane uthe ubesekudubile ukulingisa ngenxa yokucasulwa ukuthi abalingisi baseKZN bathathwa kancane ngoba bavuma ukuholelwa amakinati.

"AbaseGoli abadlali nezingane," kuphetha uZwane osebuya kuZalo nakwiHostela. 

UDKT Langalakhe Zwane odalule ukuthi useke wadlwengulwa njengamanye amadoda

Image: FACEBOOK

UDKT Langalakhe Zwane wathathwa ekhomba isithombe sikaMorgan Freeman

Image: FACEBOOK