UTHEMBINKOSI Mthembu noLemogang Tsipa okulindeleke ukuthi batheleke KwaZulu-Natal kuleli sonto
Image: Sithunyelwe
ABANTU baKwaZulu-Natal bazothola ithuba elingandele bani njengoba bezohlala izinsuku ezintathu nabalingisi bomdlalo IShaka-Ilembe.
Kusuka ngoLwesihlanu kuze kube wuMgqibelo, abalingisi okukhona kubo uNomzamo Mbatha, Thembinkosi Mthembu, Lemogang Tsipa noWiseman Mncube bazohlangana nabalandeli balo mdlalo enxanxatheleni yezitolo iGateway.
UPortia Hlongwane weMzansi Magic, uveze ukuthi njengesiteshi bakhethe ukuhambela kulesi sifundazwe izinsuku ezingaka ngoba yisona esinomlando othinta umdlalo.
“Uma kuza kubalingisi esiza nabo sikhethe labo abahamba phambili futhi esaziyo ukuthi bakubalingisi izindawo zabo ezihamba phambili.Ababukeli balo mdlalo bangafuna ukwazi okuningi okuzokwenzeka kuwo njengoba kuqala isizini entsha. Simema wonke umlandeli ongathanda ukuchitha isikhathi nabo azozwa ukuthi isizini entsha iquketheni,” kuchaza uPortia.
ULemogang uveze ukuthi kule sizini abantu bazobona uShaka osekhulile, ozoveza uhlangothi acabanga ukuthi luzothusa abaningi.
“Ngokwami lena iyona sizini ezoba nkulu kunalena edlule. Ngakho abantu bazobona izimpi eziningi eziqhubekayo phakathi kwamakhosi ahlukene ayekhona ngesikhathi iSilo Ushaka sibumba isizwe samaZulu. Kule sizini okunye okungenze ngabona ubukhulu bomsebenzi esiwenzile, wukulingisa nabantu abangaphezu kuka-100, okuyinto mina engingayijwayele. Ngijwayele ukusebenza emidlalweni yeshashalazi kuyo ebesiba bancane, kodwa kube lula njengoba besixhumana ngezindlela ezihlukene, obekwenza umsebenzi ube ngcono,” kuchaza yena.
Uthe ukuhlangana nabalandeli kuhlale kuyinto ayijabulelayo ngaso sonke isikhathi njengoba kuyibona abakhombisa ubuqiniso bokuthi indawo oyilingisile ihambe kahle noma cha.
Kubalingisi abasha abazobonakala kulo mdlalo kubalwa uZamani Mbatha, Luyanda Zuma, Amanda Seome, Anele Sphamandla Nene noSikhanyiso Sithole.
Isizini yesibili kulindeleke ukuthi iqale ngoJuni 15 kuMzansi Magic, ngo-8, ebusuku.
Related Topics: