Ezokungcebeleka

Kusolwa ukuphinga kuhlukana abama-piano

Charles Khuzwayo|Published

UBASSIE nobeyisoka lakhe uPushkin SA bebengamathe nolimu

Image: FACEBOOK

UMCULI wamapiano osanda kuwola imiklomelo emqhudelwaneni wezindondo obuseMbombela Stadium, eMpumalanga, uBasetsana  "Bassie" Maluleka, uthuse abantu abaningi edalula ukuthi usehlukene nesoka lakhe, uPushkin SA. 

UBassie (25), ohlabane ngendondo yeBest Amapiano Song, Best Collaboration neyeBest Music Video kumaMetro FM Music Awards, ngomucu osihloko sithi Kwelanga 2.0, uthe okwenze wathatha isinqumo sokuphumela obala yingoba abantu abaningi bese bazi ngokuthandana  kwakhe nozakwabo emculweni.

"Angisathandani naye."

Uthe bekumnandi ukujola naye futhi uyindoda efanele kodwa kubhimbe uhlelo.

"Angikwazi ukulwa nokungathembeki isikhathi eside ngoba kuyangihlukumeza engqondweni. Ngimfisela okuhle kodwa," kubhala uBassie odabuka eMpumalanga ezinkundleni zokuxhumana.

Ngale kwalokho uBassie ubonge kakhulu abalandeli bakhe ngezindondo azinqobe kumaMetro FM Music Awards.

"Seningenze ngaba wumnqobi wezindondo ezine. Angikwazi ukunibonga ngokwanele."

UBassie uthe okwenze le ngoma ethi Kwelanga 2.0 yashisa izikhotha ezindaweni eziningi, wukuthi yazalwa wubumbano nokusebenza ngokuhlanganyela okuyisimanga.

"Ukuyibona ithakaselwa kangaka kusho lukhulu kimi. Ngabelana ngalokhu kunqoba nanoma yiliphi iciko elibambe iqhaza kuleli culo. Lo mklomelo owesiko lama-piano nanoma wubani obekholelwa kithina," kuchaza uBassie osebenze kule ngoma noM-Touch, Ranger, Amaza ngokubambisana noTman Express noLeeMckrazy.

KuBassie ucilo awuthukanga uzishaya endukwini kodwa uqale ukwaziwa ngezingoma eziphume eminyakeni emithathu eyedlule okukhona ethi Izenzo nethi Sizani.

Ekhuluma emuva komcimbi wokwethulwa kwalo mqhudelwano wezindondo uthe bekunzima kuye ukuba abantu bamqaphele uma engekho esteji.

"Bekunzima ukuzama ukwenza abantu bazi ukuthi ngingubani. Imvamisa abantu baze bangiqaphele uma sengicula ingoma ethi Kwelanga 2.0 noma ezinye izingoma zami ezidumile. Bengingena esiteji, kuthi emzuzwini nje ngiqale ukucula, baqale abantu ukuthi 'oh nguye'...okuyinto ebuhlungu."

Ngaphambi kokuba le ngoma ihlabane ngemiklomelo, uthe bambalwa abantu ebebemazi kangangoba ubezigibelela ibhasi, azihlalele nabantu kodwa kungabibikho omqaphelayo.

"Abanye etekisini bebazi ukuthi bahleli eduze kukaBassie ongumculi odumile."

Ubonge uthando nokwesekwa ngabantu.

UBassie waqala ukuba nothando lokucula eseneminyaka ewu-12 kangangoba wagcina esengumbhidisi wekhwaya yasesikoleni. Waqala ukwaziwa kuleli ngesikhathi ecula engomeni yama-piano kaDJ Sjijo ethi Qaphela ngo-2018.

Kwathi ngo-2020 waduma njengomfazi odlisayo ngenxa yokucula engomeni yeMFR Souls ethi Bathandwa, okwenza wathathwa yinkampani i-Aurora Black. 

BASSIE noPUSHKIN SA

Image: FACEBOOK

BASSIE noPUSHKIN SA

Image: FACEBOOK