IBHOKISI ebelinesidumbu sikaDumisile Mary KaManana Mthalane
Image: FACEBOOK
KUTUSWE amagalelo abaculi abanjengoDumisile Mary KaManana Mthalane weMithente, ukuchabela amanye amaciko esifazane ukungena emikhakheni obekukhonya kuyo abantu besilisa.
Ekhuluma enkonzweni yomngcwabo kaDumisile ebisesigodini saKwaDinda, eMakhabeleni, eKranskop ngeSonto, uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uthe yizithukuthuku zoDumisile ezenza kwavuleka iminyango ngisho nakubasakazi besifazane.
UDumisile (61) udlule emhlabeni esibhedlela iThelle Mogoerane Regional Hospital eVosloorus, eKurhuleni, ngeSonto eledlule emuva kokungeniswa khona exinwe yizifo ezinhlobonhlobo.
"Ukwanda kwabasakazi besifazane kumaskandi abanjengoZimdollar woKhozi, nabo le ndlela bacatshelwa yileli qembu, Imithente, ngokwenza kubelula ukungena kwabesifazane endimeni kamaskandi."
UBUSELAPHI eduduza izithameli ngomculo
Image: FACEBOOK
Uthe ukudlula emhlabeni kukaDumisile ngoSuku lwenkululeko, kwakuchaza khona ukuthi ubeyisishoshovu esagqabula amaketanga abevimbe inkululeko yabantu besifazane endimeni yomculo.
"Ngaphansi kobuholi bakhe, Imithente yagila izimanga ngokuba yiqembu lokuqala labesifazane ukunqoba indondo kamaskandi ovelele kumaSouth African Music Awards, ihlula abaculi besilisa eyayibanga nabo le ndondo."
Esephetha uzwelane kakhulu nozakwabo bakaDumisile kanye nomndeni wakhe.
AMADODA engenisa ibhokisi ebelinesidumbu sikaDumisile KaManana Mthalane etendeni obekubanjelwe kuyo inkonzo yomngcwabo
Image: Isithombe:SAZISO DLAMINI
UDumisile ubesesele yedwa kubantu asungula nabo Imithente njengoba kwaqala kwahamba umyeni wakhe uSimosakhe Mthalane, nozakwabo uNokwazi Ntuli ngo-2010. Ngo-2012 uBuselaphi washiya eseyozimela.
Nakuba kunjalo kodwa izingane zikaDumisile zithe zizoqhubeka nokuyibamba insimbi ishisa kwiMithente.
Ngokusho kwendodana kaDumisile, uHlanganani uthe nakuba belimele kakhulu ngokuhamba kukanina, kodwa bazoqhubeka lapho begcine khona ukugcina umlando weMithente ngoba ubashiye ebacijile.
UTHOKOZANI Langa ekhuluma enkonzweni yomngcwabo kaDumisile KaManana Mthalane
Image: FACEBOOK
Kule nkonzo izithameli ziduduzwe yiNkosi Yamagcokama, uBuselaphi, Thokozani Langa, Izingane Zoma nabanye.
Kwebebezimazise lo mngcwabo kubalwa uMphathiswa wezobuCiko namaSiko kulesi sifundazwe uMnuz Mntomuhle Khawula, iNkosi yesizwe saKwaButhelezi, uZuzifa Buthelezi, uMengameli weNkatha uMnuz Velenkosini Hlabisa, umkhulumeli waleli qembu uMnuz Mkhuleko Hlengwa, umsunguli wamaSatma Awards uMnuz Dumisani Goba, umgqugquzeli weMpucuzeko uMnuz Xolani Mcineka, izinsizwa ezazakhela udumo zisazibiza ngoTalagu uTshatha Ngobe noNgizwe Mchunu nabanye.
Uhlelo beluphethwe usonkondlo uKwazi Nsele nomsakazi woKhozi FM uVusizwe Langa.
Umufi ushiye emhlabeni izingane ezine okunguLungile, Hlanganani, Phelelani noMhlengi kanye nabazukulu abayisikhombisa.
Related Topics: