Ezokungcebeleka

Isasasa abathandana kwiBig Brother bethula uRick Ross eMabhida

Nokubongwa Phenyane|Published

UBONGE uthando alukhonjiswe abantu bakuleli umculi waseMelika uRick Ross, onandise emcimbini iDurban Music Fest ngoMgqibelo eMabhida eThekwini

Image: Sibonelo Ngcobo Independent Newspapers

IZITHANDANI u-Akhonamathemba Mbhele odume ngelikaSweet Guluva no-Ashley-Ogle, kucacele noma ngubani ukuthi baya kude njengoba kube yibona abangenise isihlabani saseMelika, uRick Ross emcimbini iDurban Music Fest.

URick Ross ushiye abalandeli bakhe befuna impinda njengoba ecule cishe zonke izingoma azakhele ngazo udumo, napikwe kuzo ngabanye ozakwabo.

Kulo mcimbi obuseMabhida, lezi zithandani  bezimenywe njengezihambeli eziqavile ebezizofika zibingelele izihlwele.

KHUZANI Mpungose

Image: Sibonelo Ngcobo Independent Newspapers

Ubumnandi kuwo buqale zisuka njengoba bekuboshelwe amaciko ahlukene aKwaZulu-Natal, ashiye izihlwele zifuna impinda.

UDJ Tira ngomunye woDJ, abashaye into ecokeme ngezingoma zakhe ezihlukene, nabadansi bakhe benze ezibukwayo.

Akugcinanga lapho ngoba umaskanda waseNkandla, uKhuzani naye ushaye into ecokeme ecula bukhoma kulo mcimbi, okuyinto engajwayelekile emacikweni kamaskandi.

USJAVA noBig Zulu abaziwa ngeZinkabi Zezwe uma behlangene benze ezibukwayo nabo benandisa emcimbini iDurban Music Fest eMabhida ngoMgqibelo

Image: Sibonelo Ngcobo Independent Newspapers

USjava noBig Zulu bakubaculi abajabulise izihambeli zomcimbi ngezingoma ezihlukene abazicule ngokuhlanganyela.

Ukubonakala kwamaciko ahlukene kwenze lo mcimbi wahlabahlosa wajatshulelwa abantu abahlukene.

UKhuzani ubonge ukunikwa ithuba elifana naleli lokuba semcimbini owodwa neciko laphesheya kwezilwandle.

USomizi noSelby Mkhize bebeshintshana ngokungenisa abaculi esiteji.

IZITHANDANIi ezigqame ohlelweni iBig Brother Mzansi, uSweet Guluva no-Ashley Ogle, zijabulise abaningi zingena zizokwethula uRick Ross

Image: Sibonelo Ngcobo Independent Newspapers

NASTY C

Image: Sibonelo Ngcobo Independent Newspaper.

Kuthe sekuzongena usingaye, uSomizi wangena ebambe u-Ashley noSweet Guluva kwaduma inkundla yonke.

Uthando lwabo lwadonsa amehlo abaningi besendlini kaBig Brother.

Babe sebethula uRick Ross, ongene washaya ingoma wabonga uthando alukhonjiswe abezokuphepha kuleli nabantu ababe yingxenye yomcimbi.

"Ngisho lapho ngisuka khona angikaze ngigadwe ngalolu hlobo. Ngiyabonga indlela eningiphathe ngayo ngempela i-Afrika ayikhona lokhu abantu abangakaze bafike kuyo abakucabangayo. Ukudla engikuthole eSouth Africa ngikujabulele, ngiyabonga," kuchaza yena.

Abanye abaculi abanandise kulo mcimbi kubalwa uDJ Sox, Dladla Mshunqis, Beast, Mawhoo, Blxckie, Gatsheni, Umzukulu nabanye.