Ezokungcebeleka

UManaka usengene ekwethuleni izinhlelo

Nokubongwa Phenyane|Published

UMLINGISI uManaka Ranaka uthi ukuthokozele ukwethula uhlelo lwethelevishini oluthi Eyamadoda, oluzoba ngolokuqala kuyena njengoba ezakhele igama ekulingiseni nasohlelweni olukhuluma ngempilo yomndeni wakubo

Image: Sithunyelwe

USENGENE ekubeni ngumethuli wezinhlelo umlingisi womdlalo iGenerations: The Legacy, njengoba ngoJulayi ezobonakala engenelela ekusizeni abantu besilisa abalahla izingane ohlelweni oluthi Eyamadoda.

Lolu hlelo luzoqala kuMzansi Wethu (163), ekupheleni kukaJulayi.

UManaka uzobe ehamba esiza abesilisa abafuna ukusiza izingane abangazizali ukuthi zihlangane noyise, bazondle.

Ekhuluma ngokuthola ithuba elifana naleli uManaka, uveze ukuthi akubonile eqopha lolu hlelo ukuthi akulula ukuba semndenini ohlanganisa izibongo eziningi.

“Akulona uhlelo nje lolu abantu engifuna balujabulele, lubashiye bemangele noma bejabule, kodwa ngifuna lubavule izingqondo babone izinkinga esibhekene nazo ezweni lethu. Ngifuna kube khona abalapheka emphefumulweni ngalo, abanye luzoba nezimpendulo zemibuzo akade benayo iminyaka, ngijabule ukuthola ithuba elifana naleli kanti ngithemba ukuthi ngalo ngizosiza imindeni eminingi,” kuchaza uManaka.

Uthe akufunayo ukuthi aphendule abantu besilisa isibuko sezwe entsheni esakhula, bakwazi ukuba yisibonelo esihle ezinganeni zabo bangazibalekeli.

“Ngithanda nokubonga obaba abafice abesifazane benezingane bazithatha bazifaka emakhwapheni abo, abagcinanga nje lapho uhlelo lolu sinalo ngenxa yabo ngoba befuna ukusiza lezo zingane zikwazi ukuhlangana noyise. Iningi labantu besilisa abazobonakala ohlelweni sibafune ngoba sebenyamalale iminyaka, abanye babo babeka izinkinga zokuthi bebengasebenzi, abanye bakhala ngokuthi inkolo namasiko yikona okubavimbe ekutheni bangabi nesikhathi sokukhulisa izingane zabo. Obaba laba abakhulise lezi zingane abakufunayo izimpendulo kwabanye besilisa ukuthi yini eyabenza bathatha isinqumo sokulahla izingane,” kuchaza yena.

UManaka uthola leli thuba nje ezinyangeni ezimbili ezedlule ubesanda kuthuna indodakazi yakhe yokuqala uKatlego, okwavela ukuthi yalimala engozini yemoto, okwayenza yagula isikhathi eside yagcina ngokudlula emhlabeni.