Ezokungcebeleka

Abaduma kwiJoyous bashiye abalandeli besafuna impinda

Nokubongwa Phenyane|Published

IQEMBU lomculo iJoyous Celebration elibe nedili lomculo izinsuku ezimbili eThekwini, ukujabulisa abalandeli balo

Image: Sibonelo Ngcobo/ Independent Media

KUQHUBEKILE nokushiya imibuzo kwabaningi ukungabonakali kwabanye babasunguli beqembu lomculo iJoyous Celebration, uJabu Hlongwane noPastor Mthunzi Namba, njengoba belenze idili lomcimbi iJoyous The Rewind Show, ngempelasonto.

Umcimbi wokuqala ubungoMgqibelo, e-ICC, eThekwini, lapho leli qembu lenze elidume ngakho lijabulisa abalandeli ngezingoma zakudala.

Ukubonakala kwabaculi ababeyingxenye yaleli qembu becula izingoma ezaduma, okukhona kubo uXolani Mdlalose, Nobathembu Mabeka, Sphumelele Mbambo, Londiwe Sphe Nxumalo nabanye, kujabulise abantu abaningi abakhumbule ibanga elihanjwe yileli qembu.

ULINDELANI Mkhize ebonga uSjava njengesinye isivakashi emcimbini wangeSonto, la iqembu iJoyous Celebration belethula khona i-albhamu yalo yesi-28

Image: Facebook

OMUNYE wezintokazi ezahlala iminyaka eqenjini iJoyous Celebration, uNomthi Sibisi

Image: Sibonelo Ngcobo/ Independent Media

Mnqobi Nxumalo

Image: Sibonelo Ngcobo/ Independent Media

Kodwa abaningi badumele uze uphela lo mcimbi izintatha bengangeni uJabu Hlongwane noMthunzi Namba.

Laba yize Isolezwe lake labika ukuthi abasabhekani noLindelani Mkhize osesele yedwa kodwa kucacele noma ubani ukuthi abalandeli bebebalindele kulenqophamlando.

Izingoma eziningi zakudala ziculwe yiqembu ngokuhlanganyela ezinye zaculwa amalungu akhona manje.

Nozipho Phiri

Image: Sibonelo Ngcobo/ Independent Media

INGOMA ayicula eqenjini iJoyous Celebration ethi Ngijulise ingenye yezingeke zilibaleke kalula uSphumelele Mbambo, angene ngayo ngoMgqibelo e-ICC

Image: Sibonelo Ngcobo/ Independent Media

Buhle Thela

Image: Facebook

Xolani Mdlalose

Image: Sibonelo Ngcobo/ Independent Media

Joyous Celebration

Image: Sibonelo Ngcobo/ Independent Media

Londiwe Sphe Nxumalo

Image: Facebook

ULindelani Mkhize ubonge wonke umuntu ohambele umcimbi, wathi kuyajabulisa ukubona abantu besaphuma ngobuningi babo ukuzobungaza nabo.

NgeSonto, leli qembu lethule i-albhamu yalo yesi-28 kubalandeli kanti ibiqoshwa bukhoma.

Kuyona abaculi okukhona kubo uSjava, bebeyizihambeli eziqavile ezijabulise izinhlwele ngengoma yakhe ethi uNkulunkulu Owaziyo.