IKUSASA likaSiphelele “Stashi” Ntshangase likwiKaizer Chiefs, ngokusho kwemenenja yakhe, uJazzman Mahlakgane.
Kunemvunge ngokuthi uNtshangase, ofike kwiChiefs esuka kwiBlack Leopards, akazange afinyelele ezingeni ebelilindelekile kuyena ngakho kufanele abe sohliwini lwabakhonjwa indlela.
Selokhu iChiefs iqede ngaphandle kwe-Top 8, kunezinkulumo kubalandeli bayo ngokufanele bashenxe ngoba babona ukuthi isisombululo sokuphoxeka kweminyaka ingafaki lutho ekhabetheni wukuthi iqembu lishintshwe cishe lonke. Amakhosi asevele anqamule izinkontileka zoPule Ekstien, Gustavo Paez, Bongolwesthu Jayiya noKgotso Malope.
Ngokwabalandeli beChiefs akubona bodwa laba kodwa nomqeqeshi, * -Ernst Middendorp, kufanele azinuke amakhwapha njengoba efike iqembu lisendaweni yesithupha kwi-log kodwa walihlehlisa walibeka ngaphandle kwe-Top 8 okuyinto eyagcina ukwenzeka kuqeqesha yena futhi uMiddendorp.
Ukuphoxwa yiTS Galaxy kowamanqamu weNedbank Cup kuyiqalile phansi le mvunge okuyilapho kuvele khona negama likaNtshangase kokufanele babone abafika ngayo.
Izinombolo ziyamphika nokho umdlali waKwaNdengezi ngoba kweyeligi udlale amahlandla awu-14 kuphela. Ibe mithathu kwiMTN 8 yaba mibili kwiNedbank kwathi kwiTelkom Knockout waba munye vo.
Kuyona yonke le midlalo sekuhlangene yonke imiqhudelwano uNtshangase njengomdlali oqashelwe ukuphakela amafolosi aphinde ashaye namagoli, uhluleke wancama ukukwenza lokho. Wakhe amagoli amabili isizini yonke kwathi inethi yamhlula kuyona yonke.
Yize kunjalo kodwa imenenja yakhe uMahlakgane ikhuluma sakukloloda ngokuthi ngesizini ezayo uzobe ekwiChiefs umdlali ophelelwa yinkontileka ngoJuni 30 wonyaka ozayo.
“Indaba kaNtshangase icishe idide kancane ngoba ngisho ngabe udlale kahle bekungeke kubonakale ngoba iqembu lonke libukeka sengathi linezinkinga. Kukhulu okusazokwenziwa nguStashi (Ntshangase) kwiChiefs ngesizini ezayo. Uzobe ekwiChiefs noma kanjani ngesizini ezayo. Angikungabazi lokhu engikushoyo,” kusho uMahlakgane.