Owayengumqeqeshi wamaBhokobhoko, uJacques Nienaber, uphawule ngokuqala uhambo olusha ngaphandle komngani wakhe abeseqeqeshe ngokubambisana naye iminyaka, uRassie Erasmus.
UNienaber no-Erasmus baqale izindlela ezahlukene ngemuva kokuphela kweNdebe yoMhlaba ephothulwe ngo-Okthoba nyakenye, eFrance, okusho ukuthi sebesebenza ezindaweni ezahlukene okokuqala kusukela ngo-2004.
Ubungani babo baqala kudala kunalokho, ngo-1991, ngesikhathi besemasosheni. Bathatha izindlela ezingafani ngemuva kwalokho, u-Erasmus wakhetha ukudlala umbhoxo okhokhelayo, uNienaber wayokwenza izifundo zokuba yi-physiotherapist.
Baphinde bahlangana ngo-1999 ngesikhathi u-Erasmus edlalela iCheetahs neCats, uNienaber waqashwa ethimbeni lodokotela beqembu.
Ngesikhathi u-Erasmus eqala ukuqeqesha kwiCheetahs ngo-2004, waqhubeka nokusebenza noNienaber, wangagcina lapho kodwa waqala ukumnika ithuba lokuthi afake isandla ekuqeqesheni, nokuyinto aqala ukuyenza kakhulu sebeqashwa yiStormers ngo-2008.
Basuka lapho baya eMunster, e-Ireland, ngaphambi kokubuyela eNingizimu Afrika ukuyoqeqesha iqembu lesizwe ngo-2018. Sekuwumlando ukuthi ndawonye banqobe iNdebe yoMhlaba kabili namaBhokobhoko ngo-2019 nango-2023.
Ngo-Ephreli wonyaka odlule, iLeinster yamemezela ukuthi isiqede konke noNienaber ukuthi azoba ngomunye wabaqeqeshi bayo uma kuphela iNdebe yoMhlaba.
Uqale umsebenzi wakhe omusha ngemuva nje amaBhokobhoko eqede ukubhiyoza nabalandeli ngoNovemba. Usebenza ngaphansi kwenhloko yabaqeqeshi beLeinster, uLeo Cullen, okungumuntu asazama ukumjwayela.
“URassie ufana nomfowethu. Kwehlukile ukusebenza ngaphandle kwakhe. Angisho lutho olubi ngoLeo kodwa kufana nokushintsha izikole. Isikole sihlala siyisikole njengoba nebhola lombhoxo kusayinto efanayo kodwa isikole ngasinye sihlukile kancane kwesinye,” kusho uNienaber ekhuluma neNetwerk 24.
“Angisho ukuthi konke kuhlukile ngenxa kaRassie. Uma uya kwelinye iqembu noma elinye izwe ufica izinto zenziwa ngendlela ehlukile futhi kufanele ujwayele izimo ezintsha. Kuyinselelo engiyithokozelayo.
“Bekuhlale kumnandi ukuba noRassie eduze kwami ngoba ubengeseka futhi engiqonda. Angisho ukuthi uLeo akangeseki. Mina noRassie sazana cishe iminyaka engu-30, uLeo ngisamaze cishe izinsuku ezingu-30. Sisaqala ukwakha ubudlelwano.”
KwiLeinster, uNienaber usagxile kakhulu ekuqiniseni iqembu ekumakeni nasekuvaleni emuva.
Leli qembu lisengelinye lahamba phambili e-Europe njengoba liqhwakele kwi-log ye-United Rugby Championship ngamaphuzu angu-34. Selinqobe imidlalo eyisikhombisa lahlulwa kwemibili.
Khonamanjalo: Inhlangano eyengamele umbhoxo kuleli, iSA Rugby, ayikaphumeli obala ngokuthi ithimba labaqeqeshi bamaBhokobhoko lizoma kanjani njengoba kuzoqalwa uhambo olusha olubheke eNdebeni yoMhlaba ka-2027.
Nokho, kubhekwe ukuthi u-Erasmus aphathe izintambo ebambisene nabanye abaqeqeshi abebevee bekhona njengoMzwandile Stick