OWAYENGUMDLALI weKaizer Chiefs, uJabu Mahlangu, ubona igcagcele esokeni kubadlali abasebancane baleli qembu okubukeka bezoyithola indawo esikimini somqeqeshi omusha, uNasreddine Nabi.
IChiefs ibuyise ithemba kubalandeli ngokuqasha uNabi waseTunisia nethimba lakhe elingenaye owaseNingizimu Afrika. Indlela lo mqeqeshi abophele ngayo isikimu sakhe emasontweni adlule, ngesikhathi iChiefs ibhekene neYoung Africans yaseTanzania emdlalweni weToyota Cup, ikubeke ngokusobala ukuthi uzobanika ithuba abadlali abasebancane abebelizwa ngendaba ijezi ngesizini edlule. Ukushaya indiva abafana abancane eNaturena ngenye yezinto okuvele ukuthi zakhele isigcwagcwa umqeqeshi, uCavin Johnson, ogcine ekhonjwe indlela ngenxa yokuphikwa yimiphumela. Kubadlali abebefunwa enkundleni ngabalandeli kukhona uMduduzi Shabalala, Wandile Duba noSamkelo Zwane oyibamba enkabeni yenkundla kodwa abadlalile koweYanga. Abanye abadlali abathole ithuba ngaphansi kukaNabi nguMfundo Vilakazi ochaze iningi noNkosana Mbuthu oyindodana yenkakha yeChiefs, uPatrick “Ace” Mbuthu.
UMahlangu, owanikwa ithuba esikimini esikhulu seChiefs ngumqeqeshi uMuhsin Ertugral waseTurkey ngo-1999 esuka enkulisa, wagcina ephenduka intandokazi yabalandeli beChiefs. Ukusho kaningi ukuthi wasizwa ngabadlali abanesipiliyoni ukuze azinze esikimini saMakhosi.
“UNabi uyakhombisa ukuthi uyazifela ngabadlali abasebancane futhi ubukeka ezobadlalisa. Sekusezandleni zabo ukuthi basebenze ngokuzikhandla ukuze bezohlala esikimini. Kodwa ukudlondlobala kwabo kuzodinga nabadlali abanesipiliyoni ukuthi babeseke. UNabi kufanele anikwe ithuba ahlanganise kahle iqembu ngaphambi kokulindela impumelelo,” kusho uMahlangu.
Emasontweni adlule uMahlangu, owazakhela igama kuMakhosi ngebhola elinomjiko nejubane, uphumele obala weseka uVilakazi obegxekwa ngokushaya izitayela ekubeni iqembu belilandela emuva kwiYanga emdlalweni weToyota Cup ophele ngo 4-0. Uthe lo mdlali kufanele acetshiswe ngezindlela ezilungile zokusebenzisa umjiko wakhe kunokumgxeka.
IChiefs izoqala isizini ka-2024/2025 ngokuvakashela iMarumo Gallants emdlalweni weBetway Premiership eTotoya Stadium eFree State ngoSepthemba 14.