KUBUKEKA engathi iKaizer Chiefs igcine igobe uphondo ngodaba lukanozinti u-Itumeleng Khube, ebimnqabela ukuyodlala emdlalweni weCarling Black Label Cup namhlanje
UKhune uvotelwe ngabalandeli eqenjini le-Carling All-Stars elizodlala nompetha beCarling Knockout, iStellenbosch FC ngo-3 ntambama eNew Peter Mokaba Stadium, ePolokwane. Ungomunye wabadlali abavotelwe kakhulu ngabalandeli. Emasontweni adlule, iChiefs ikhiphe isitatimende iyichitha eyokudlala kukaKhune kwiBlack Label ngenxa yokuthi isamumisile kuzona zonke izinhlelo ezithinta ibhola eNaturena, kulandela ukufika ejimini ephuzile.
Nokho uhla lwakamuva olukhishwe ngabeCarling lunaye uKhune njengonozinti ozowuqala umdlalo. Ngokuthola kwaleli phephandaba, iChiefs igcine yehlela ngezansi ngodaba lukaKhune ngenxa yokuthi abeCarling bazikhalele ngendaba yamavoti okuvela ukuthi bekuzofanele aphindiselwe emuva uma unozinti engadlali.
“Ngicabanga ukuthi lento ikhulunywe neligi nabaxhasi ukuthi uKhune adlale phezu kokuba esamisiwe yiqembu. Kuyisimo esingesihle ngoba kade engaziqeqeshi neqembu kusukela amiswa,” kusho umthombo.
Okhulumela iChiefs, uVina Maphosa, akayiphendulanga imibuzo athunyelelwe yona izolo mayelana noKhune.
UKhune eziphawulela yena ngokudlala kulo mqhudelwano, uthe uzimisele ngokukhipha konke anakho enkundleni ukusiza iqembu lakhe.
Uthe ukuthi sesiside isikhathi engadlali, akusho lutho kwazise uhlezi ekulindele ukungena enkundleni.
“Kufana nesibusiso (ukuthi ubengadlali). Mina kumele ngihlale ngizilungiselele noma yini eza kimina. Ngijabule ngokuthi ngikwazile ukukusebenzisa lokho yonke le minyaka. Ngihlezi nginalowo muzwa wokungaliphosi ithawula, ayikho into engangidikibalisa. Ngijabule ngokuthi bengilokhu ngizigcine ngiqatha futhi ngiyajabula ngokuba lapha,” kusho uKhune kwabezindaba izolo, ePolokwane.
Ubonge uthando lwabalandeli ngokumvotela.
“Engingakusho ukuthi ngiyajabula ngothando nokwesekwa engisakuthola kubathandi bebhola eNingizimu Afrika. Ngiyabula ngokuthi bangivotele. Bebengavotela noma yimuphi omunye unozinti ngoba likhona ithalente kuleli. Kodwa ngijabule ngokuthi baqoke mina ukuthi ngibamele. Ngizokwenza isiqiniseko sokuthi ngikhipha konke enginakho ukuze angaphenduki ize amavoti abo.”
Lo nozinti ongakaze aphuthwe umdlalo weCarling Cup selokhu yaqala kusukela idlalwa iChiefs nePirates, uqhube wathi bazimisele ngokuyiphakamisa le ndebe.
“Kuyiphupho lawo wonke umdlali ukunqoba indebe. Kusemqoka kakhulu ukuthi singawuthathi kancane lo mdlalo. Abalandeli bakhombise ukusethemba kubadlali abaningi abebengakhetha kubona kodwa bakholelwa ekutheni yithina esingayithatha le ndebe sibajabulise ngokuletha into ezobenza bamamatheke.”
Phakathi kwabadlali abavotelwe ngabalandeli eqenjini le-All Stars, kukhona asebehoxile okubalwa kubona uKermit Erasmus we-Orlando Pirates, okuvele ukuthi ulimele. Indawo ka-Erasmus obevotelwe kakhulu, ithathwe ngumgadli waMaZulu, uVictor Letsoalo. Omunye ongasekho eqenjini ngu-Olisah Ndah wePirates. Isikhala sakhe sivalwe ngoSandile Mthethwa weZimnyama. U-Edison Castillo weChiefs ngeke abonakale enkundleni ngenxa yokuthi usekhaya eColombia, lapho eyolungisa khona isimo esiphuthumayo nakuba engakasuswa esikimini esizoqala umdlalo. UCastillo ubengekho ngesikhathi iChiefs idlala neSekhukhune United emdlalweni wokugcina wonyaka weDStv Premiership ngempelasonto edlule.
Iqembu le-All Star lizoqeqeshwa nguJose Riveiro wePirates. Amaphini akhe nguJoseph Makhanya opheka iqembu leZimnyama leDStv Diski Challenge, noThabo September oqeqesha eleDiski leSuperSport United.
Abazonqoba bahlomula ngo-R2 million, ozohlulwa athole u-R1 million. Abadlali abaqokelwe eqenjini le-All Stars bazohlukaniselana ngokulingana le mihlomulo.
Isikimu sakamuva esizoqala umdlalo simi kanje: Itumeleng Khune (Kaizer Chiefs), Masibonge Ngidi (AmaZulu Diski), Jabulani Mokone (Orlando Pirates Diski), Ramahlwe Mphahlele (AmaZulu), Sandile Mthethwa (Orlando Pirates), Mfundo Vilakazi (Kaizer Chiefs), Edison Castillo (Kaizer Chiefs), Siphamandla Zikhali(AmaZulu Diski), Kagiso Mnguni (Orlando Pirates Diski), Victor Letsoalo (AmaZulu), Ashley Du Preez (Kaizer Chiefs).