NAKUBA uHappy Jele (37) owazakhela igama kwi-Orlando Pirates, engakaze amemezele ukuthi amakhokho usewagaxe emgibeni kodwa imenenja yakhe, uJazzman Mahlakgane, iveze ukuthi ngeke esalithinta ibhola.
Ngemuva kokuthi lesi sitobha sihlukane neRoyal AM ekupheleni kwesizini ka-2022/23, kuvele imibiko yokuthi sihlela ukuwagaxa emgibeni. Nokho sacashunwa yiFarPost sithi sisafuna ukudlala, akukakafiki nakancane emqondweni waso ukuyeka ibhola.
"Okwamanje ngizijimela ngedwa. Angangithinta amaqembu athanda ngiwadlalele. Mayelana nokuyeka ibhola ngizokumemezela uma isikhathi sesifikile," washo kanje uJele.
Ezinyangeni ezedlule, kusabalale izithombe zikaJele edlala emiqhudelwaneni yaselokishini. Lokhu kuqubule imibuzo ngokubuyela kwakhe esigabeni esikhulu kwazise yena ubelokhu emile ngelokuthi akakawaphanyeki emgibeni amakhokho.
Kubuzwa uMahlakgane, ophethe izindaba zalo makadebona ukuthi ngabe usafuna yini ukudlala, uphendule wathi: "UJele umatasa ngezinye izinto ezithinta ibhola. Ngeke esalidlala ibhola, iminyaka yakhe isihambile. Ngaso sonke isikhathi ngenza isiqiniseko sokuthi abadlali abangaphansi kwami balungiselela ikusasa. Angifuni ukubabona sebebulawa indlala uma amakhokho sebewagaxe emgibeni. NakuHappy ngesifanayo.“
Ngesikhathi iPirates ingayivuseleli inkontileka kaJele ngo-2022, kwavela ukuthi yayifuna ukumnika isikhundla esithile esingahlangene nokudlala. Kodwa lo mdlali wasemuva wenqaba ezeseka ngokuthi usafuna ukudlala.
Akuphelanga sikhathi esingakanani wavumbuka kwiThwihli Thwahla. Eselishiyile leli qembu laKwaZulu-Natal, uMahlakgane waphinde watshela leli phephandaba ukuthi ukhona umsebenzi aphendlelwa wona kweZimnyama.
Akathandanga ukuphawula uMahlakgane ebuzwa ukuthi lisekhona yini ithemba lokuthola lo msebenzi.
Nokho iphephandaba, iThe Citizen yabika ukuthi awusekho umsebenzi iPirates ewubekele uJali. Phakathi kweminye yemisebenzi eyenziwa uJele selokhu agcina ukudlala, owokuba inxusa lo mqhudelwano iCarling Black Label Knockout. Wahamba kwiPirates esehlale iminyaka ewu-16. Eyishayele amagoli awu-18, wakha ayisikhombisa emidlalweni ewu-388 sekuhlanganiswe yonke imiqhudelwano.
Izicoco anazo ebholeni uzithole khona kweZimnyama, ezimbili ezeligi, iNedbank Cup neseMTN8. Uphinde wanqoba eseTelkom Knockout. Ubekhona befinyelela kowamanqamu weCaf Champions League ngo-2013 nakwaweCaf Confederation Cup ngo-2015 nango-2022.