UNOZINTI weKaizer Chiefs, uBruce Bvuma, ubhoboke ngenkumbulo yokusebenzela eduze nomunye wabantu athi ukhule ebukela kubona, u-Itumeleng Khune.
UBvuma nguyena osaphethe ijezi emapalini eChiefs kulandela ukungenzi kahle kukaBrandon Petersen noKhune osadingisiwe ekuzihlanganiseni neqembu ngenxa yesigwebo sekomiti eliqondisa ubugwegwe.
NgoDisemba uKhune utholwe enecala lokwenza okuphambene nemigomo yaqembu, wayalelwa ukuthi angajimi neqembu kuze kuphele isigwebo okungashiwongo ukuthi sizoba singakanani. Yize iqembu lingazange liphumele obala ngokuthi wenzani kodwa imibiko yaveza ukuthi wayesolwa ngokufika eqenjini ephuzile.
UBvuma osanda kunyuselwa inkontileka ngeminyaka emibili kuze kube u-2026 usayibambe kahle ezintini zaMakhosi kweyeligi.
Ugweme ukungenelwa igoli emidlalweni emihlanu kweyisithupha yeligi abayidlale ngaphambi kokuphoxwa iMilford FC kwiNedbank Cup ngempelasonto edlule. Nakuwona lowo mdlalo akazange angenelwe igoli njengoba bekhishwe kumaphenathi.
Kuvela indaba yenkumbulo kaKhune kuBvuma nje, ukhuluma nabezindaba ngamalungiselelo abo okubhekana neMoroka Swallows kwiDStv Premiership kusasa ngo-6 ntambama, e-FNB Stadium, eSoweto.
“UKhune uyisibonelo konozinti baseNingizimu Afrika okuhlanganisa nami kodwa mina ngibe nenhlanhla yokusebenzela eduze kwakhe ngakho-ke uma engasekho (eduze) kuyazwela,” kusho uBvuma.
“Ngiyakhuluma noKhune cishe zonke izinsuku futhi uzishaya isifuba ngami njengoba ijezi lisekimina kulezi zinsuku. Okuningi ngikufundele phambi kwakhe ngibukela kuyena ngakho-ke ngeke ngikufihle ukuthi isikhala sakhe sikhona njengoba engekho eqenjini kodwa futhi siyazi ukuthi kunobhutshuzwayo kwenzeka noma yini,” kusho lo nozinti.
Ihlazo lokuwashiswa ijezi iMilford FC enonyaka idlala kwiMotsepe Foundation Championship, libaphathe kabi bengabadlali kodwa kungcono kuBvuma ngokusho kwakhe.
“Njengoba kuseyimina okhonyayo ejezini ngizimisele ngokulijabulela leli thuba kodwa futhi ngiqhubeke nokulibamba ngazo zombili.
“Ngabe ngikhuluma iphutha uma ngingathi angijabule ngokuthi ijezi lisekimina okwamanje. Yebo kubuhlungu ukuthi siphume ngale ndlela esiphume ngayo kwiNedbank kodwa ukwazi ukuthi imina onamathuba amaningi okuvimba emdlalweni olandelayo kwenza ngithobeke inhliziyo kancane,” kuqhuba lo nozinti.
Akazange athande ukugxila ezinkingeni zeSwallows ngesikhathi ebuzwa ngazo. ISwallows inezinkinga zemali eseziholele ekutheni ishiywe abanye abadlali kuhambe nobengumqeqeshi uSteve Komphela.
“Umphumela esisuka kuwona uphoqa ukuthi sizibheke thina kuqala ngaphambi kokunaka ukuthi kwenzekani kwamakhelwane.
“Sinabalandeli abadumele ngakho-ke kusemqoka ukubakhombisa ngendlela esizodlala ngayo kwiSwallows ukuthi nathi siyazizwa izinhlungu,” kuphetha uBvuma.
Imidlalo yangempelasonto yeDStv Premiership:
NgoMgqibelo - Ngo-3.30pm: Polokwane City v Orlando Pirates (Peter Mokaba Sradium).
Ngo-5.45pm: Kaizer Chiefs v Moroka Swallows (FNB Stadium).
Ngo-8pm: Richards Bay v Royal AM (King Zwelithini Stadium).
NgeSonto - Ngo-3.30pm: Cape Town Spurs v TS Galaxy (Athlone Stadium).
Imidlalo yeMotsepe Foundation Championship:
NgoMgqibelo - Ngo-3.30pm: JDR Stars v Upington City (Soshanguve Giant Stadium); Casric Stars v Black Leopards (Solomon Mahlangu Stadium); Pretoria Callies v Marumo Gallants (TUT Stadium); Venda FC v Orbit College (Thohoyandou Stadium).
NgeSonto - Ngo-3.30pm: Platinum City Rovers v University of Pretoria (Isak Steyl Stadium); Magesi FC v Baroka FC (Old Peter Mokaba Stadium).