USIHLALO weRichards Bay FC, uSifiso “Jomo” Biyela, usebheke ukuthi bayiqede kusasa impi yokubuyela kwiDStv Premiership.
IBay, eqede endaweni ka-15 kwi-log yePremiership ngesizini ka-2023/2024, isethubeni elihle lokuwina imidlalo yePSL Promotional Play-Off eyidlala namaqembu adlala kwiMotsepe Foundation Championship okuyiBaroka ne-University of Pretoria.
Ihlezi esicongweni se-log ngamaphuzu amane emidlalweni emibili. Ibambene neTuks ngamaphuzu enemidlalo emithathu. IBaroka isemsileni ngamaphuzu amabili. Lokhu kusho ukuthi iBay idinga amaphuzu amathathu kuphela emidlalweni emibili ukuze ibuyele kwiPremiership.
INatal Rich Boyz izobhekana neTuks emdlalweni ozoba seTuks Stadium, ePitoli, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama. Uma ihluleka lapho ukuqedela umsebenzi, isenelinye ithuba emdlalweni wokugcina neBaroka ngoJuni 19 eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
“Isimo esikusona sihle kakhulu. Konke kusezandleni zethu. Kufanele sizenzele umsebenzi. Inhloso yethu wukuyiqeda yonke le nto ngoMgqibelo ukuze emdlalweni wokugcina sizonikeza ithuba abadlali abebengadlali, siphumuze laba abebesebenza isizini yonke. Kodwa sizoya kulo mdlalo ngokukhulu ukuqaphela, singazibeki engozini. Kufanele sihlasele kahle futhi simake kahle. Siyakuqonda ukuthi sinamathuba amabili okuwina sibuyele kwiPremiership. Ngeke siyele ukuyodlala ngokulingana kodwa uma kwenzeka sizokwamukela lokho ngoba sisenalo elinye ithuba,” kusho uBiyela.
IBay iqeda isizini nje isisezandleni zomqeqeshi uVusumuzi Vilakazi othweswe ijoka lokushintsha izinto kuleli qembu emuva kokuxoshwa kukaKaitano Tembo ngoKhisimusi. Ngaphansi kukaVilakazi, iBay iqalile ukuqoqa amaphuzu. Nokho abenganele ukuyisiza ibalekele izembe ngokuphelele.
KumaTuks, iBay izobhekana neqembu eselizame kaningi ukubuyela kwiPremiership ngaphansi komqeqeshi uTlisane Motaung. Akubuzwa ukuthi nasemdlalweni wokugcina neBay lizolwa ngawo wonke amandla.
“Ingcindezi ayikho kithina kuphela kodwa ikhona nakuyona iTuks. Kudingeka ihlasele. Ngakho yinto efanayo. Sizohlaselana ngoba iTuks iyazi ukuthi uma ingawinanga kuyobe sekuphelile njengoba kuwumdlalo wayo wokugcina,” kusho uBiyela.
UVilakazi uthe uma bebuyela kwiPremiership azikho izinguquko azozenza kwiRich Boyz ngaphandle kokudedela uSanele Barns othengwe yiStellenbosch FC.