NAKUBA uJohn Plumtree ejabule ngokuthi iqembu likwazile ukunqoba umdlalo wokuvula kwiChallenge Cup eliwudlale neSection Paloise, uveze nokungagculiseki ngendlela eliwuqede ngayo umdlalo.
Ngemuva kokuphendulwa ompushana yizimbangi zayo, iVodacom Bulls, kowakamuva we-United Rugby Championship, iSharks ibidinga umphumela omuhle kulo mqhudelwano ohlukile futhi yakwenza lokho ngesikhathi iqumba phansi iPau ngo 45-5 eHollywoodbets Kings Park ngoMgqibelo.
ULukhanyo Am no-Eben Etzebeth bashaye ama-try amabili ngamunye, kwathi uMarnus Potgieter noMakazole Mapimpi bashaya eyodwa ngamunye. Amanye amaphuzu aqhamuke ngonyawo lukaCurwin Bosch, ofake ama-conversion amahlanu nephenathi eyodwa.
Amaphuzu okubika eqembu laseFrance aqhamuke nge-try eshaywe nguGregoire Arfeuil.
“Kwezinye izikhathi zomdlalo sikhombise ubudlabha. Asizange siwakhombise kahle amakhono ethu emizuzwini engu-20 yokugcina futhi ngicabanga ukuthi nabadlali baphoxekile ngalokho. Kimina kubukeke sengathi bebengasawukhathalele umdlalo, nokuyinto esishiye sikhathazekile,” kusho uPlumtree.
“Kukhona okungijabulisile ngomdlalo wethu njengendlela esikhahlele ngayo ibhola salibeka ngemuva kwabo, nokwenze sibafake ngaphansi kwengcindezi ngokudlalela engxenyeni yabo yenkundla. Kukhona kodwa nokunye okungangijabulisanga.”
UPlumtree uncome ukaputeni weqembu u-Am nabanye abadlali asebemnkantshubomvu abafana no-Etzebeth ngokuhola iqembu ngesikhathi lilungiselela ukubhekana nePau nasemdlalweni uqobo.
“Sibe nesonto elinzima ngemuva kokunqotshwa yiBulls. Bekunzima kubo bonke abadlali ngesonto eledlule ngesikhathi siqala ukulungiselela ukubhekana nePau. Inhloso yethu bewukuthi sivuke ngendlela efanele futhi sigxile kithina. Sifake ingcindezi enkulu kubaholi ukuthi baphakame futhi kube yibona abalawula okwenzekayo phakathi nesonto. Bakwenze kahle lokho baphinde bagqama nasemdlalweni,” uchaze kanje lo mqeqeshi.
“Sengiyamjwayela uLukhanyo ukuthi ungumholi onjani futhi naye usengazi kangcono. Sesiqala ukuqonda kahle ukuthi sobabili sisebenza kanjani. Kuyangithokozisa ukumbona enza kahle. U-Eben usechithe amasonto ambalwa neqembu futhi useyaqala ukungena endleleni esidlala ngayo nokukhuthaza abadlali abasebancane abadlala endaweni efanayo naye.”
ISharks izoqhubeka neChallenge Cup ngempelasonto lapho izotholana phezulu neToyota Cheetahs eBloemfontein. ICheetahs nayo iwuqale ngenothi elihle lo mqhudelwano iguqisa iZebre yase-Italy ngo 33-15 ngoMgqibelo.