ULINDELE ukuthi iScotland ibe yingozi njengenjwayelo uma sebedudulana ngeSonto omunye wabaqeqeshi bamaBhokobhoko, uDuane Vermeulen.
UVermeulen (38) ungene ngokuphelele ethimbeni labaqeqeshi bamaBhokobhoko ngesikhathi ewagaxa emgibeni amakhokho ekupheleni kweNdebe yoMhlaba ebiseFrance nyakenye.
AmaBhokobhoko neScotland bazobhekana eMurrayfield Stadium e-Edinburgh ngeSonto ngo-6.10 ntambama. Kuzobe kuwumdlalo wokuqala kwemithathu iqembu lakuleli elizoyidlala phesheya kule nyanga.
Lawa maqembu agcina ukuhlangana kowamaqoqo kweyoMhlaba eFrance lapho kwanqoba khona amaBhokobhoko ngo 18-3. IScotland iqede endaweni yesine kwiSix Nations yalo nyaka.
“Nakanjani bazolwa ngoba bazobe bedlalela ekhaya, phambi kwabalandeli babo. Wonke umuntu uzimisela ngokweqile ekhaya ngoba usuke evikela isithunzi sezwe lakhe,” kusho uVermeulen.
“Banabadlali abambalwa abafakwe eqenjini lesizwe ngenxa yokudlala kahle emaqenjini abo. Kuzomele siqaphele ngeSonto.”
Uqhube wathi namaBhokobhoko asazoqhubeka nokusebenzisa le midlalo ukuhlola abadlali abahlukene njengoba enzile kweyokuvula isizini neyeRugby Championship.
UCameron Hanekom nguyena kuphela umdlali oyingxenye yalolu hambo lwaphesheya ongakaze awadlalele amaBhokobhoko.
“Siyazama ukuthaka iqembu ngezindlela ezehlukene. Uma ubheka umfana ofana noRuan Nortje wayengabalwa nokubalwa ekuqaleni konyaka kodwa wayithola indawo ngenxa yokulimala kwenqwaba yabadlali abagijima kwi-lock. Ufike eqenjini wadlala kahle impela,” kuqhuba uVermeulen.
“Eqenjini labadlali abangu-45 kwi-Rugby Championship sisebenzise cishe abangu-39 noma 40. Ngakho-ke sizamile ukubanika amathuba okuzihlola ukuthi bakuliphi izinga. Singabaqeqeshi sesiyazi ukuthi bami kuphi nokuthi yikuphi lapho kufanele bathuthuke khona.
“Uma sibheka phambili, sisesiningi isikhathi esisele ngaphambi kweNdebe yoMhlaba elandelayo. Simatasa sizama ukuthola abanye abadlali abazongena khaxa ezikhaleni ezithile ukuze sigculiseke ukuthi iqembu seliphelele.”