UMGADLI osemncane osanda kugqama kwiCarling Knockout All Stars, uNaledi Hlongwane, ubeyiqhawe leKaizer Chiefs ngesikhathi inyukela esicongweni se-log yeDStv Diski Challenge (DDC).
UHlongwane owahlabana ngesheke lika-R100 000 ngemuva kokudlala ingcwenga yebhola namagoli amahle awashaye emdlalweni we-All Stars neMagesi FC muva nje, ushayele iChiefs amagoli amabili ngesikhathi inqoba kwi-TS Galaxy ngo 4-1 ngoMgqibelo eDobsonville Stadium, eSoweto.
Amagoli amabili kaHlongwane namanye ashaywe nguMatala Makhubo noKamogelo Malefo, asize iChiefs inqoba kwiGalaxy ephekwa uBernard Parker obese kunesikhathi ingayazi induku.
I-DDC ikhuze ibuya ngempelasonto edlule kade ihlabe ikhefu okuyinto efanele ukuba ibashiye bethokozile abalandeli bale ligi elokhu iqhubeke njalo nokukhiqizela ibhola laseNingizimu Afrika abadlali beqophelo eliphezulu.
IChiefs enamaphuzu angu-30 emidlalweni engu-13, imiswe kabi yiMamelodi Sundowns enawu-29 ngemuva kwesibalo esifanayo semidlalo.
ISundowns inqobe kwi-Orlando Pirates ngo 2-1 kodlalwe izolo okushiya iBucs endaweni yesishiyagalombili.
KweyangoMgqibelo, iLamontville Golden Arrows ishayele ekhaya iMarumo Gallants ngo 2-1 eBloemfontein. Abafana Bes’thende kade sebedlale imidlalo emine bengayazi iwini. Kwemithathu yayo, bathole induku komunye bacazelana ngamaphuzu okubabeka kunombolo-13 kwi-log.
Ompetha beDDC bangesizini edlule, iStellenbosch FC okubuywe kuyibona abaqhwakele kwi-log, babhudluzwe yiSuperSport United ngo 4-0 ngoMgqibelo. Lo mphumela ubashiye endaweni yesithathu ngamaphuzu alingana naweSundowns (29) kodwa bangaphezulu kwayo ngenxa yokuba nesibalo esiphezulu samagoli.
Kweminye imidlalo, iCape Town City inqobe ngo 3-2 kuMaZulu FC, kwathi iRichards Bay FC yanqoba ngo 1-0 kwiSekhukhune United. IPolokwane City neChippa United bashayana baze babukana kuba u 0-0.
Isiyonke imiphumela yeDDC ngempelsonto ihambe kanje:
SuperSport United 4-0 Stellenbosch FC; Marumo Gallants 1-2 Golden Arrows; Kaizer Chiefs 4-1 TS Galaxy; Mamelodi Sundowns 2-1 Orlando Pirates; Polokwane City 0-0 Chippa United; Sekhukhune United 0-1 Richards Bay FC; Cape Town City 3-2 AmaZulu FC.