UKUNDIZISA ifulegi lakuleli ezinkundleni ezinkulu emhlabeni ngonyaka odlule akuzange kubaphazamise emsebenzini wabo wesikole abadlali bakuleli abasebancane, uBayanda Walaza noKwena Maphaka, njengoba bekwazile ukuphasa izifundo zabo zika-matric.
UWalaza (18), ongumsubathi, ubefunda eCurro Hazeldean High, ePitoli, kanti uMaphaka (18) ongumdlali wekhilikithi, ubeseSt Stithians College eGoli.
Bobabili bagile izimanga ezinkundleni ngonyaka odlule. UWalaza (18) ubeyingxenye yethimba laseNingizimu Afrika kuma-Olympic abeseParis kusukela ngoJulayi kuya ku-Agasti nyakenye. Ubeseqenjini le-relay elinqobe isiliva emjahweni ka-4x100m ehambisana noBradley Nkoana, Akani Simbine noShaun Maswanganyi.
Uphinde wanqoba izindondo zegolide emjahweni ka-100m no-200m kuma-World Athletics Under-20 Championships eLima, ePeru, ngo-Agasti nyakenye.
“Bekwenzeka kaningi ukuthi uBayanda angakwazi ukuba sesikoleni noma ngabe ukuma-World Juniors, imidlalo yokuhlungela ama-Olympics kanjalo nokubamba iqhaza emidlalweni yaseParis. Uphuthelwe amasonto amaningi ekilasini kodwa yena noxhaxha lothisha abebemeseka bebemangalisa,” kusho inhloko yeCurro, uPierre le Roux.
“Siqinisekise ukuthi uyafunda ngesikhathi eseParis futhi besihlala sixhumana naye. Ubuye wafunda amahora engeziwe. Indlela esisebenza ngayo eCurro wukuthi imfundo ihamba phambili kanti ezokusubatha zihamba phambili.”
UMaphaka ugqame eNdebeni yoMhlaba ka-Under-19, wadlala kwi-Indian Premier League waphinde wadlalela iqembu lesizwe elikhulu kwiT20, One Day International nakwiTest.
“Siyaziqhenya ngempumelelo kaKwena nemiphumela emihle ezivivinyweni zakhe zokugcina. Kuningi obekungamphazamisa ngenxa yokudlala ikhilikithi ezingeni eliphezulu. Ukhombise ukuqina, ukuziphatha kahle kanye nokuzimela ngokufunda nge-internet nothisha noma eyedwa,” kusho uthishanhloko waseSt Stithians College, uDavid du Toit, kwi-website i-ClubCricket.co.za.
“Akufanele siyikhohlwe indlela abazali bakhe abameseke ngayo njengoba bebehlale bexoxa nothisha bakhe. Benze konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi uyakwazi ukufeza amaphupho akhe ekhilikithi ngaphandle kokukhohlwa yimfundo.
“Kumele siyibonge futhi neCricket South Africa ngokuqinisekisa ukuthi bakhona abasiza uKwena ngomsebenzi wesikole ngisho iqembu lihambele kwamanye amazwe.”
Abanye ababambe iqhaza kwezemidlalo emazingeni aphezulu abaphase u-matric, umdlali weCape Town City uGabriel Amato nabadlali beDurban Ladies u-Ayanda Mkhize, Maria Mangana, Alondwe Radebe, Yolanda Buthelezi noJana’e Kowlessar. AmaZulu afake ekhasini lawo le-Facebook ebongela abadlali abayibamba kwiDStv Diski Challenge abaphase u-matric okunguBayanda Thabede, Junior Mdletshe, Thabiso Nene, Thato Mdluli, Andiswa Khulu, Olwethu Mshengu noThalente Gumede.