Orlando Pirates (0) 0
Stellenbosch FC (1) 1
IStellenbosch FC inqamule injabulo yabalandeli be-Orlando Pirates yephula irekhodi layo lokungahlulwa selokhu kuqale isizini yeBetway Premiership.
IStellies inqobe ngegoli lukaDevon Titus alishaye esiwombeni sokuqala kulo mdlalo obuse-Orlando Stadium, eSoweto, ngeSonto ntambama.
Lo mphumela awugcini ngokuphuca iPirates amandla okuba yiqembu elingakehlulwa kusukela kuqale isizini kepha iphunyukwe yithuba lokubuyela esicongweni se-log njengoba sekuqhwakele iMamelodi Sundowns yize bebambene ngamaphuzu angu-21. ISundowns ihlale esicongweni emuva kokwehlula iSekhukhune United ngo 3-0 ngoMgqibelo ebusuku.
Yize bekuyiPirates ebibukeka sengathi iyazicanasela esiwombeni sokuqala kodwa kube yizivakashi ezivule inkundla ngonyawo lukaTitus, okugcine kuba yilona lodwa lomdlalo. Lokhu kuholele ekutheni kunqamuke ingoma ebihaywa ngabalandeli beZimnyama.
Ngaphambi kokuqala kwawo, umqeqeshi wePirates, uJose Riveiro, ukhumbule ukuthi ngesizini edlule iStellenbosch ibashayele ekhaya ngakho-ke banayo inhlese yegqubu.
“Lo mdlalo awuhluke ngalutho kweyeCaf esisuka kuyona kwazise nayo iStellenbosch iyayidlala eyase-Afrika kule sizini,” kusho yena kwiSuperSport.
“Ngineme ngakho konke kusukela ekuzinikeleni kwabadlali kuya kwebengikubona ebusweni babo njengoba besilungiselela ukubhekana neStellies.
“Nakuba kungelona igqubu kodwa asikhohliwe ukuthi basishayele ekhaya ngesizini edlule kade sihamba phambili ngo 2-0,” kusho yena.
Njengoba bekuvele kulindelekile eqenjini lasekhaya iPirates ingene kaningi zisuka ebhokisini likaSage Stephens obevimbele izivakashi kodwa kube uTitus obeke iStellies ebuhleni ngomzuzu ka-33 eqobela phakathi ibhola aliphaselwe ngu-Ashley Cupido.
Esiwombeni sesibili umdlalo uhambe ngomgqigqo ofanayo, kulokhu kuhlasele iPirates kodwa lutho ukuthola igoli lokulinganisa.
URiveiro ubheke ebhentshini lakhe wabuya noTshegofatso Mabasa noKarim Kimvuidi, abangenele o-Evidence Makgopa noThalente Mbatha.
Ngokujwayelekile iPirates iyalikhuphula izinga ngemizuzu yokugcina engu-15 kodwa kulokhu izame konke kwagcina kungazange kulunge. Empeleni iStellies nayo ibingalishaya elesibili ukube ebengaphepheme uSipho Chaine obevimbele iqembu lasekhaya.
USteve Barker opheka iStellies uthe uyaziqhenya ngeqembu lakhe yize lingakutholanga ukuphumula njengoba beliyodlala oweCaf Confederation Cup eMali.
“Akukho okungaphezulu ebengingakufuna kubadlali bami uma uzokhumbula ukuthi isonto lonke besisendizeni,” kusho uBarker.