IROYAL AM iyilahle ekugcineni ingenelwa yigoli ngemizuzu yokugcina ibambana ngo 1-1 neTS Galaxy kungenasidingo emdlalweni weDStv Premiership obudlalelwa eMbombela Stadium, eNelspruit, ngoMgqibelo ntambama.
I-AM ibiye kulo mdlalo ibuya ekuwashisweni ijezi yiKaizer Chiefs kuma-quarterfinal eNedbank Cup ngeledlule, nokwenze umqeqeshi waleli qembu uJohn Maduka wakubeka kwacaca ukuthi sebezolwela ukuzibekisela indawo kwiTop 8.
EzikaMaMkhize zisheshe zacacisa ukuthi zizosebenza njengoba umdlali waleli qembu osemnkantshubomvu, u-Elias Pelembe evalele phakathi igoli zibekwa nje ebhandeni ngomzuzu wesibili umdlalo uqalile, ngemuva kwebhola alibekelwe wuMxolisi Macuphu.
Ngesiwombe sesibili womabili amaqembu awathole ngokufanayo amathuba phambi kwamapali, ikakhulukazi i-AM, kodwa ehluleka ukubhakuzisa inethi.
Nokho, kuthe esikhathini ebesesengezwe ngunompempe iGalaxy ebisihlasela ihlaselile, yagcina ilitholile elokulinganisa ngomzuzu ka-92 ngekhanda likaYaimil Medina obesuka ebhentshini, ongqomfele phakathi ibhola ebeliphunyuke ezandleni zikanozinti we-AM, uXolani Ngcobo, osekunezikhawu enza amaphutha ahlinzela leli qembu ezibini.
Ukuphunyukwa kweThwihli Thwahla yiqatha emlonyeni kuyilahlekisele ngethuba eliyingqayizivele lokuxaxamba kwi-log yePremiership, njengoba ukunqoba kwayo lo mdlalo bekuzokwenza ilale isendaweni yesithupha kwi-log. Kumanje isendaweni yesishiyagalombili ngamaphuzu angu-33 emidlalweni engu-26.
EzikaMaduka zidinga amaphuzu okungenani ayisikhombisa kule midlalo emine esele yeligi ukwenza isiqiniseko sokuthi ziyakwazi ukuqeda isizini kwiTop 8.
Ngakolunye uhlangothi, lo mphumela awuyisizanga kangako i-The Rockets kwazise isahlezi endaweni yeshumi kwi-log, nokho isenethuba lokuxaxamba uma ingakwazi ukubuya namaphuzu kule midlalo emine esele.